Owayengumdlali we-Barcelona ubekwe izinsolo zokuhlasela umdlali wesifazane odlalela i-PSG

Dylan Bettencourt

Owayengumdlali we-Barcelona nomqondisi wezemidlalo u-Eric Abidal usephenduke umsolwa ekuhlaselweni kwesihlabani sabesifazane se-PSG uKheira Hamraoui.

UHamraoui, umdlali wasesiswini wabesifazane we-PSG wayesendleleni egodukayo evela esidlweni sasebusuku seqembu mhla ziyishumi kuLwezi lapho amadoda amabili abezifihle ubuso amisa imoto amhlasela ngensimbi.

Imibiko iphakamisa ukuthi unkosikazi ka-Abidal wahlela ukuhlasela njengendlela yokuziphindiselela njengoba ekholelwa ukuthi lesi sihlabani sasinobudlelwane nomyeni wakhe ngesikhathi bese-Barcelona. Ngokusho kukaLe Monde, abahlaseli bamemeze bathi, “Nithanda ukulala namadoda ashadile!”

UHamraoui wafonela u-Abidal ngosuku olulandelayo ukuze abe ngufakazi ecaleni lodlame abhekene nalo lapho u-Abidal nomkakhe bezophekwa ngemibuzo amaphoyisa ase-France ezinsukwini ezizayo.

Uzakwabo kaHamraoui oneminyaka engama-31 ubudala u-Aminata Diallo uvalelwe esitokisini samaphoyisa kulandela ukuhlasela ngemibiko eveza ukuthi kungenzeka ukuthi uhlele ukuhlasela njengomzamo wokuthola indawo yakhe eqenjini lokuqala.

Kodwa-ke, uDiallo ukhululwe esitokisini samaphoyisa ngemuva nje kosuku engazange abekwe icala.

Owayengumdlali wase-France, u-Abidal useshade nonkosikazi wakhe, uHayet Abidal, kusukela ngonyaka wezi-2003 kanti laba bashadikazi banezingane ezinhlanu.

Ukuhlaselwa kwesihlabani se-PSG kuthiwa kudalwe ubudlelwano bakhe no-Abidal ngesikhathi edlalela i-Barcelona lapho u-Abidal wayengumqondisi wezemidlalo.

U-Abidal udlale imidlalo engama-67 eqenjini lesizwe lase-France futhi wayedlala  kowamanqamu kwindebe yomhlaba yonyaka wezi-2006 bedlala ne-Italy. Lo mdlali wasesiswini uwine izicoco ezine ze-La Liga nezine ze-Champions League ngesikhathi esadlala ne-Barcelona.

Ngonyaka wezi-2011, u-Abidal kwatholakala ukuthi unenkinga yesibindi emzimbeni kwathi ngemuva konyaka kwadingeka ukuthi aye kohlinzwa afakelwe isibindi okwaphoqa ukuthi lo mdlali webhola ashiye phansi.

Umthombo wesithombe: @Forbes

Izihloko zakamuva