Owayengumdlali waseMzansi ubulawe ngemuva kokuthola umsebenzi

Owayengumsubathi waseNingizimu Afrika uJacques Freitag utholwe eshonile enamanxeba okudutshulwa ngoMsombuluko ngemuva kokubikwa ukuthi ulahlekile kusanda kudlula usuku lakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-42.

Lo oweyengumshubathu we-high jump utholwe eshonile esigangeni ngasemathuneni aseZandfontein ePretoria West.

UFreitag kubikwe ukuthi udukile emasontweni amabili edlule ngemuva kokugcina ukubonakala ephila ephuma endlini yezivakashi ePretoria West ngomhlaka-13 kuNhlangulana.

Izinkinga zikaFreitag zaqala ngo-2012 ngesikhathi eboshelwa ukutholakala nesidakamizwa esingekho emthethweni i-CAT (methcathinone).

Amaphoyisa aseTshwane amise lo msubathi owake wahlonishwa ngemuva kokushayela ilambu elibomvu eBronkhorstspruit.

Ngaphambi kokushona kwakhe, uFreitag walandwa yindoda engaziwa emzini kamama wakhe eBronkhorstspruit, kubika iCitizen.

Kuthiwa wanikezwa umsebenzi othembisa u-R60 000 kodwa wathola u-R6 000 kuphela ngokungawuqedi umsebenzi. Ugcine ukubonakala ngesikhathi lo mlisa emehlisa ebhulohweni eBooysens, ePitoli.

Kunezinsolo ezingakaqinisekiswa zokuthi uFreitag ubulewe, okungenzeka ukuthi kubandakanye nomdayisi wezidakamizwa owaziwayo. Amaphoyisa aphenya ngokufa kwakhe njengecala lokubulala, kodwa bekungakaboshwa muntu.

UFreitag wayengumsubathi ophambili, ewina izicoco zomhlaba wonke kwi-youth, juniour nama-senior levels.

Eneminyaka engu-21, wawina igolide ku-high jump emqhudelwaneni we-IAAF World Championships e-Paris ngo-2003, eqeda amamitha angu-2.35.Usaphethe irekhodi lase-Afrika ngokugxuma amamitha angu-2.38, aliqophe ngo-2005.

Umqeqeshi wakhe wangaphambili, uHugo Badenhorst, uchaze uFreitag njengomuntu onekhono futhi okhaliphile kodwa wachaza ukuthi impilo yakhe yaphuma endleleni.

Udadewabo kaFreitag, uChrissie Lewis uthe ukulutheka kwakhe kwaba kubi kakhulu ngemuva kokuphuka iqakala ngaphambi nje kwama-Olympics ase-Athens ngo-2004.

UChrissie uchaze ukuthi ukulutheka kwakhe kwabuthinta kanjani ubuhlobo babo. Yena njengomamana, kwadingeka avikele izingane zakhe ekusebenziseni izidakamizwa, okwakusho ukuthi aziqhelelanise nomfowabo.

Luhlanganiswe ngumbhali weStaff

Isithombe esingenhla: UJacques Freitag.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva