Owayengumdlali wamaBhokobhoko ushone engozini yemoto

Dylan Bettencourt

Owayengumdlali wamaBhokobhoko uPedrie Wanneburg ushone eneminyaka engu-41 kulandela ingozi yemoto eyenzeke eMelika ngoMgqibelo.

Imibiko iveza ukuthi le ngozi yenzeke ngesikhathi umshayeli obehamba ngesivinini esiphezulu okukholakala ukuthi ubejahwa imoto yamaphoyisa ushayise ngemuva imoto kaWanneburg.

Indodana kaWanneburg iphuthunyiswe esibhedlela ukuze ihlinzwe ngokushesha kanti umkakhe nendodakazi yakhe abazange balimale kakhulu.

Ngebhadi lowo owayengumdlali wamaBhokobhoko kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.

UWannenburg udlale imidlalo engu-20 eqenjini lebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika phakathi konyaka ka-2002 no-2007. Waphinde wadlalela iqembu lase-Ireland i-Ulster phakathi kuka-2010 no-2012.

Wadlala okokuqala kumaBhokobhoko ngo-2002 ebhekene ne-France e-Paris.

UWannenburg wawina izicoco ezintathu ze-Super Rugby nama-Blue Bulls waba ngumdlali wokuqala ukubonakala izikhathi eziyikhulu kuleli qembu elizinze ePitoli.

Ushiye e-Belfast ngemuva kokufinyelela kowamanqamu wendebe ye-Heineken ngo-2012 waya e-France ukuyodlalela i-Castres.

UWannenburg wasuka e-France wayodlala eMelika ngo-2016.

UMengameli webhola lombhoxo waseNingizimu afrika uMark Alexander uthulele isigqoko lowo owayengumdlali wamaBhokobhoko emchaze njengomuntu obehlala emamatheka.

“UPedrie uzokhunjulwa njengomunye wabadlali abadlale indima enkulu kunoma iyiphi indawo emuva noma ngabe edlale kuma-test angu-20 kuphela. 

“Irekhodi lakhe kuma-Bulls ngesikhathi besadlala kuwo wonke amazinga cishe angeke lifaniswe nalutho,” kusho u-Alexander esitatimendeni.

U-Alexander wengeze ngokuthi isikhathi sakhe esihle kakhulu wasithola bebhekene ne-New Zealand ngo-2006 ngesikhathi eshaya i-try eyenza banqoba umdlalo.

“UPedrie ubengowesilisa obethanda ubumnandi, esebenza kanzima engumuntu onikela ngakho konke anakho enenkundli uthi ezikhonzele  nokumamatheka.

“Wamela izwe lakhe ngokukhulu ukuzimisela ngesikhathi eshaya i-try eyenza bahlula i-All Blacks e-Rustenburg ngo-2006,” kuchaza u-Alexander. 

UWannenburg ushiye umkakhe nezingane ezimbili abahlala e-Texas eMelika. 

Umthombo wesithombe: @SARugby

Izihloko zakamuva