Owayengumdlali wamaBhokobhoko usesimweni esibucayi esibhedlela 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Sekuphele izinsuku eziyishumi uDerick Hougaard ekwi-coma ngemuva kokuthi iphaphu lakhe langakwesokunxele lingasebenzi nokuyinto eholele ekutheni aphuthunyiswe esibhedlela iSteve Biko Academic ePitoli ngoLwesihlanu mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlangulana.

Lo mdlali owake waba i-flyhalf yamaBhokobhoko namaBlue Bulls owaziwa “ngelikaLiefling of Loftus” abalandeli bakhe, usehlinzwe kabili wafakwa ipayipi ekhaleni eliya emaphashini futhi uyanakekelwa egumbini labagula kakhuluesibhedlela.

Unkosikazi kaHougaard uNadine uthumele imininingwane ngempilo yalo mlisa (40) ngoLwesithathu wancoma abasebenzi basesibhedlela wathi uyalwazisa uthando lwabalandeli.

“Ngiyabonga ngayo yonke imilayezo, yonke imithandazo nokwesekela uDerick! Ngempela udlala umdlalo onzima kakhulu empilweni yakhe,” ebhala.

“Iphaphu lakhe langakwesobunxele liye layeka ukusebenza ezinsukwini ezintathu ezedlule kanti izolo kube ingxenye engezansi yephaphu langakwesokudla.” Uchwepheshe wakhe wamaphaphu wenze i-bronchoscopy yesibili futhi uhlole uDerick kabili ezinsukwini ezintathu wasiza amaphaphu akhe ukuthi aphefumule ngendlela ehlukile.

“Ngemuva kokwelashwa kwayizolo kungenzeka odokotela babone kahle ukuthi yimaphi amagciwane asadinga ukwelapheka njengoba izinga lokutheleleka liphansi kunanoma yiluphi usuku olwedlule futhi bayazi ukuthi ama-antibiotics asebenza kahle. Lokhu kube izindaba ezimnandi kithina ezinsukwini ezimbili ezedlule. Akakaphaphami futhi usadakwe imijovo kakhulu kodwa ngaphandle kwalokho amaphaphu akhe asebenza ngokuhambisana nomshini wokuphefumula.

“Kulabo ababuza ukuthi kungani uDerick esesibhedlela iSteve Biko Academic, kube umsebenzi omangalisayo wabezimo eziphuthumayo abaveze umbono wokumyisa lapho ngesikhathi sidinga ukunquma ngokushesha ukuthi sizoya kuphi futhi ngiye ngathemba umbono wabo esimweni esinjalo ngaphezu kowami

“Bathe kumele angene egumbini labagula kakhulu bathi kuzomele ahlale unomphela. Ngiyabonga ukuthi uDerick ungeniswe khona ngoba ngingakufakazela ukuthi odokotela nabahlengikazi benza umsebenzi oncomekayo kulela wodi.

“Ngikholelwa ekutheni uDerick uthola ukwelashwa nokunakekelwa okungcono kakhulu lapho! Ukwengeza, usesimweni esibucayi kakhulu ukuthi anganyakaziswa ngakho-ke awekho ama-scan asenziwayo njengamanje ngaphandle kwama-x-ray amaphaphu. Uncono kakhulu kodwa amaphaphu akhe awekho esimweni esikahle ngakho sihlezi sithandazela ukwelulama, umoya-mpilo kanye ne-carbon dioxide encane emzimbeni wakhe.

“Ngiyabonga ngokuthi niqhubeke nokukholwa, niqhubeke nokukhuleka kanye nothando lwenu nonke. Lokhu kusho lukhulu kimi.”

UHougaard wadlalela amaBulls imidlalo engaphezu kweyikhulu phakathi kuka-2002 no-2008 kanti muva nje ubesebenza kwidokhumentari yempilo yakhe ezophuma ngasekupheleni kwalo nyaka.

Esithombeni esingenhla: UDerick Hougaard

Umthombo wesithombe: @jacanews

Izihloko zakamuva