Owayengumdlali ugwetshwe emine ngelokudlwengula

U-Alves owayengumdlali webhola we-Barcelona ne-Brazil, utholwe enecala lokudlwengula owesifazane endaweni yokucima ukoma e-Barcelona wagwetshwa iminyaka emine nesigamu ejele.

Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi uAlves ephike amacala okunukubeza ngokocansi enzeke ngobusuku bangomhlaka-31 kuZibandlela ngo-2022.

Inkantolo iphinde yayalela ukuthi u-Alves ukuthi akhokhe u-€150,000 (R3-million) njengesinxephezelo kwisisulu futhi achithe iminyaka emihlanu kwi-probation kulandela imiyalelo yokuboshwa kwakhe.

Icala labashushisi lichaze kabanzi ngendlela u-Alves nomngane wakhe abaheha ngayo isisulu nabangane baso ngebhodlela le-champagne, babaholela endaweni yangasese yendawo yokucima ukoma.

Kungaleso sikhathi lapho u-Alves aqala khona ukuba nolaka futhi wanukubeza lo wesifazane phezu kokuba emcele ukuba amdedele.

Ukuhlukumeza kwakhe isisulu kubangele usizi nokwesaba,

Ukuzivikela kuka-Alves kumenze wenza izinguquko eziningana kudaba lwakhe, kusukela ekuphikeni kokwazi isisulu kuya ekuvezeni ukuthi babevumelene ngokuya ocansini.

Leli cala elishushiswe ngaphansi kwemithetho ebanzi yokuhlukumeza ngokocansi yase-Spain ehlanganisa ukudlwengula, ligqamisa ukugcizelela komthetho wakamuva wemvume esobala, eyaziwa ngokuthi uYebo kusho ukuvuma ngokomthetho.

Lomthetho umele izigwebo ezisuka eminyakeni emine kuya kweyishumi nanhlanu ngamacala okuhlukumeza ngokocansi.

U-Alves, umdlali webhola odumile owadlala imidlalo engaphezu kuka-400 ku-Barcelona futhi waba negalelo elikhulu eqenjini lesizwe lase-Brazil okuhlanganisa nokubamba iqhaza eNdebeni Yomhlaba ka-2022, manje ubhekene nobunzima njengoba egwetshiwe.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UDani Alves enkantolo.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva