Owayengukaputeni weBafana uboshelwe elokushaya

Dylan Bettencourt

Owayengukaputeni weBafana Bafana u-Aaron Mokoena uboshelwe icala lokushaya ngemuva kokungaboni ngasolinye nentombi yakhe ngoLwesine olwedlule.

“Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Vereeniging ngoLwesihlanu,” kusho okhulumela amaphoyisa uKaputeni Mavela Masondo mayelana necala.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni uLumka Mahanjana uveze ukuthi icala lihoxiswe ngoLwesihlanu ngenxa yobufakazi obunganele.

Intombi kaMokoena u-Omphemtse Mashego uthi lo mdlali wakudala umshaye ngesibhakela ebusweni nasemzimbeni kanti lokho kumshiya nemihuzuko eminingi.

Lo wesifazane uphinde wathi uma uMokoena ephuze kakhulu uba nolaka futhi uvame ukumshaya ngaphandle kwesizathu.

UMashego wengeze ngokuthi okokuqala ngqa lo mdlali wasemuva emshaya kwakungo-2018 edakiwe kwadingeka ukuthi avinjwe izingane zakubo ezimbili ukuze ayeke ukumshaya.

UMokoena (41), njengamanje uyisekela lomqeqeshi we-Cape Town City ngemuva kokuwabeka emgibeni amakhokho ngo-2013.

Lo mdlali obedlala emuva ungomunye wabadlali abambalwa baseNingizimu Afrika abafaka isicelo sokudayiswa phesheya, edlalela amaqembu afana ne-Ajax, i-Blackburn Rovers, i-Portsmouth ngaphambi kokubuya ezodlalela i-Bidvest Wits.

Njengoba iNingizimu Afrika inezibalo ezimbi kakhulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (i-GBV) emhlabeni, lesi akusona isigameko sokuqala somdlali webhola oshaya intombi yakhe.

Umdlali we-Orlando Pirates, uNkanyiso Zungu, ubekwe icala lokushaya ngoNdasa phakathi kwamanye amaningi eminyakeni edlule.

Icala likaZungu nalo lihoxiswe ngenxa yokushoda kobufakazi.

Phakathi kukaMokoena ne-Cape Town City akekho oke waphawula ngokuboshwa noma ngezinsolo ezenziwe intombi yakhe.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva