Owayengukaputeni weBafana ubonga amagalelo kaBarker

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengukaputeni weBafana Bafana owawina i-Africa Cup of Nations ngo-1996 uNeil Tovey ukhumbule umdlalo wakhe wokuqala weqembu lesizwe nomqeqeshi wodumo uClive Barker.

Laba bobabili bake basebenza ndawonye ku-Durban City naseqenjini AmaZulu ngeminyaka yango-1980 ngaphambi kokuthi bahlanganiswe kuBafana.

Owayengusomaqhinga wakuleli uBarker ushone ngoMgqibelo ngemuva kokuxinwa isifo esibizwa nge-Lewy body dementia. 

Ngesikhathi uBarker ethatha izintambo zokuqeqesha iBafana ngo-1994, uTovey wayekhululiwe esikhundleni sakhe njengokaputeni weqembu lesizwe ngenxa yezinsolo zokungaziphathi kahle.

Kodwa lo mqeqeshi ongasekho wabuyisela lo mdlali wasemuva weKaizer Chiefs njengokaputeni, ephuca ibhande uSteve Komphela owayeseqokwe njengokaputeni weqembu.

“Ngesikhathi eba umqeqeshi sahlala phansi ngathi kuye, ungumqeqeshi unethalente elikhethekile futhi yilokho okudingwa yiqembu ngalesi sikhathi,’” uTovey utshele i-Scrolla.Africa.

“Iqembu belidinga umuntu ozoletha ukuzithemba, ozokweseka abadlali futhi abajabulise. Leyo yingxoxo esaba nayo ngesikhathi eqala.

“Bengingazi ukuthi nginethalente, empeleni ngangazi ukuthi anginalo ithalente kodwa wayefuna ukuthi kuxoxwe ngokuthi enze abadlali bazizwe bamukelekile ekhempini futhi bazizwe bejabule ngokudlalela izwe. ”

Laba bobabili baqhubekile nokuhola iBafana ngesikhathi se-Afcon yango-1996 ngemuva kokuhlula i-Tunisia kowamanqamu.

UTovey ukhumbula imiyalela kaBarker eyamenza waba umqeqeshi wakuleli ophumelele kunabo bonke, ophinde wahola izwe ekuhlungeni iNdebe Yomhlaba yeFifa okokuqala ngqa.

“Ubengumuntu wabadlali,” kusho uTovey.

“Kuye konke bekumayelana nabadlali nokwenza abadlali bahlezi bejabulile. Yingakho ephumelele kangaka.”

“Bekuhlale kumnandi ukuza ekhempini. Akuzange kube ikhempu enezinkinga ngoba wonke umuntu wayeyazi indima yakhe.”

“UClive wayenza isiqiniseko sokuthi umdlali ngamunye udlala ngamandla akhe futhi akakaze asicele ukuthi sidlale ngendlela ehlukile. Ngokusobala uma unomndeni ojabulile, yilapho unqoba khona.”

Yize uBarker asiza iBafana yahlungela iNdebe yoMhlaba ka-1998, kodwa akazange alibangise e-France neqembu.

Isithombe esingenhla: Owayengumqeqeshi weBafana Bafana uClive Barker

Umthombo wesithombe: I-Safa

Izihloko zakamuva