Menzi Magubane
Owayengukaputeni we-Ghana u-Asamoah Gyan akaqinisekile ukuthi ukudlaliswa kabi komdlali wakubo uDaniel Amartey – wagcina ethole iphenalthi eyalahlekisa iNingizimu Afrika kumdlalo wokuhlungela indebe yomhlaba yangonyaka wezi-2022 e-Qatar, kwakungamele bayithole.
Leyo phenalthi engundabamlonyeni yenze iBafana yahlulwa i-Ghana emdlalweni wokugcina ku-Group G wokuhlungela indebe yomhlaba ye-FIFA, okwenze iNingizimu Afrika iphume emqhudelwaneni.
“Ngicabanga ukuthi isigameko besingesihle. Kusukela lapho ebengihlezi khona nendlela engibone ngayo, u-Amartey uziwele kalula,” kusho uGyan engxoxweni abe nayo nomsakazi wase-Ghana, ku-Asempa FM.
Kodwa-ke lo mpetha wase-Ghana uvumile ukuthi unompempe kungenzeka ukuthi ubone into okungesiyo.
“Kodwa unompempe ubeseduze nendawo futhi mhlawumbe ubenombono ongcono ngesimo,” kusho uGyan.
I-FIFA bekulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo sayo ngoLwesibili ngemuva kokuba i-Safa ifake isimangalo ngendlela umdlalo obusingathwe ngayo ngunompempe wase-Senegal uMaguette Ndiaye, kodwa isinqumo sabambezeleka. Singaphuma noma inini kuleli sonto.
UGyan, owathatha umhlalaphansi ebholeni lamazwe ngamazwe ngonyaka wezi-2019, wengeze ngokuthi umdlali wakubo kungenzeka ukuthi uziwise yena ukuze anikezwe iphenalthi. Ushilo nokho ukuthi izinga eliphezulu lomdlalo kungenzeka ukuthi lihlobene nesinqumo esithathiwe.
“Isimo somdlalo besingaba nomthelela kwisinqumo sikanompempe sokunikeza iphenalthi. Kumina ukuphulwa komthetho kubukeke kuyinto engajwayelekile,” kusho uGyan.
“Ngizwakalisa umbono wami, kodwa labo abakulomkhakha bangenza isinqumo esingcono.”
Umgadli uGyan ushaye amagoli angama-51 emidlalweni eyi-109 kwi-Black Stars.
I-CAF kulindeleke ukuthi imemezele izinsuku zemidlalo eyengeziwe yemidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba kuleli sonto. Uma kwenzeka i-FIFA inquma ukuvumelana ne-Safa futhi iyinikeze isinqumo sokuthi awuphindwe umdlalo, onqobile uzokwazi ukuthi ubani ozobhekana naye kumdlalo owengeziwe emilenze emibili.
Umthombo wesithombe. @SquawkaFootball