Owayelahlekelwe ithemba wathola uthando ngemuva kokusha

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Impilo kaMzulungile Nocuze ibilokhu inzima kodwa akadikibali.

UMzulungile (65) wayeneminyaka engu-20 ngesikhathi eshiswa isilinda yegesi eyaqhuma.

Umonakalo wawumubi kangangokuthi umphakathi nomkakhe bamkhipha inyumbazane.

“Ngemuva kwalesi sigameko umkami wangitshela ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka nokuba umkami ngoba angisiyo indoda ashada nayo. Ngangifana nenunu futhi wayengafuni ukulala nami.

“Ukulahlwa umkami kwaba isiqalo. Abantu bangishintshela bangikhipha inyumbazane nezingane zazingesaba ngakho nganquma ukuyohlala ngedwa ehlathini.”

Kodwa ngemuva konyaka wahlangana nesithandwa sakhe uBusiswa. “Ngesikhathi ngimbona kwavele kwaqhuma inhlansi yothando, kodwa ngangesaba ukuthi ngizophoxeka njengoba abantu babengiphatha ngendlela ehlukile.”

Isimanga wamemukela wamtshela ukuthi uyamthanda.

“Ngimkweleta impilo yami yonke,” esho. “Ungibonise uthando futhi wabuyisa ukuzethemba kwami. Ukube bekungelona uthando lwakhe mhlawumbe ngabe ngashona.”

Lezi zithandani ezashada ngo-1984 ezihlala e-Lusikisiki, e-Eastern Cape zibusiswe ngezingane ezintathu ezinhle.

“Ngifuna ukukhuthaza abantu abakhubazekile ukuthi bangalilahli ithemba nokuthi kumele bazi ukuthi kukhona umuntu obathandayo njengoba benjalo,” kusho uMzulungile.

Kodwa akaqondi ukuthi kungani abantu abadala benza inhlekisa ngaye. “Izingane ziyohlezi ziyizingane, kodwa ngiyehluleka ukuqonda ukuthi kungani kungabantu abadala abenza inhlekisa ngami. Abanye babengafuni ukwabelana ngengilazi yamanzi nami ngoba becabanga ukuthi mhlawumbe bazogcina sebefana nami.”

UBusiswa Nocuze uyamthanda umyeni wakhe futhi uthe ubengaphinde amkhethe. “Anginendaba nokuthi abantu bathini ngaye; ungumyeni wami. Ngiyamthanda.”

Uma abantu bembuza ukuthi kungani ekhethe indoda eshile nesabekayo uhlezi ethi, “Ngiyamthanda. Ungumuntu ofanelwe ukuthandwa njengawo wonke umuntu.”

Into ayizondayo indlela izingane zabo ezilwa ngayo nezinye izingane ukuze zivikele uyise.

“Izingane zami ziyamthanda ubaba wazo futhi aziqondi ukuthi kungani ezinye izingane zenza inhlekisa ngaye. Zihlezi zimlwela.”

Isicelo sakhe kubazali ukuthi bafundise izingane zabo inhlonipho. “Izingane kumele zikuqonde ukuthi zizohlangana nabantu abahlukene. Kumele zikhombise inhlonipho.”

Esithombeni esingenhla: UMzulungile Nocuze nonkosikazi wakhe uBusiswa Nocuze

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva