Sizwe Sibiya
Owayeyilungu le-Teargas uMa-E uzokhipha umsebenzi wakhe omusha ngoMandulo.
UMa-E, othanda ukuzibiza ngo-“EzeeDoesIt”, umemezele lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto wathi i-EP, esihloko sithi-Namanje & Forever izophuma maduze nje.
Ube esememezela lezi zindaba ngesithombe kwi-akhawunti yakhe ye-Facebook ekhasini lakhe laku-Twitter, ngamazwibela athi “Ngokuphela kukaMandulo”.
Lo mculi wagcina ukukhipha i-albhamu ephelele ngo-2018, esihloko sithi-Township Council enezingoma ezingu-15, uphinde watshela abaculi abasafuna ukufakwa kwi-albhamu yakhe entsha ukuthi isiqediwe nenkampani yakhe ayiqophayo.
“I-albhamu isiqediwe futhi isihanjisiwe,” kusho uMa-E, ephendula umlandeli obefuna ukumthumelela izingoma azozifaka kule albhamu ngoLwesibili ngomhlaka-16 kuNcwaba.
Lo mculi, owakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi-212 ngo-2017 ngaphansi kwenkampani aqopha kuyo i-GhandaGhanda Productions kulindeleke ukuthi abe nabaculi abasayine ngaphansi kwenkampani entsha kaK.O i-Skhanda World kule albhamu entsha.
ULoki, uRoii, uMr X, uJust Bheki kanye noK.O nabo babeyingxenye ye-Teargas eyakhipha i-albhamu eyaba impumelelo ye-Skhanda World ngo-2021 esihloko esithi-Welcome to the Planet enezingoma ezingu-11 kubalwa kuyo izingoma ezifana nethi-“Homeground” kanye nethi “Abalaleli”.
Khonamanjalo, uK.O ukuqinisekisile ukuthi umculi wama-piano uYoungStunna nomrepha waseThekwini uBlxckie bazocula kwi-albhamu yakhe ezophuma maduze i-Skhanda Republic 3, edume ngokuthi i-SR3 okulindeleke ukuthi iphume ngentwasahlobo.
Umthombo wesithombe: EzeeDoesIt