Michael Madyira
Owayeyisihlabani seKaizer Chiefs neBafana Bafana uDoctor Khumalo amasango ukuze kuvele uchungechunge lwedokhumenti elinezingxenye ezine ngempilo yakhe.
Isiqephu sokuqala esinesihloko esithi 16V Doctor Khumalo Untold sikhonjiswe kuMzansi Magic ku-DStv ngeSonto eledlule.
Lolu chungechunge lwe-dokhumenti izokhombisa imininingwane ejulile mayelana nethalente lakhe abenalo ezinkundleni zebhola. Leli thalente lingafakazelwa i-Barcelona kanye nowase-Cameroon uSamuel Eto’o esiqeshini sokuqala.
Lo umgubo wengcweti yebhola okungubufakazi bempilo yakhe obusekelwa amalungu omndeni, abangani, osopolitiki, ompetha bebhola, abaqeqeshi, abahlaziyi kanye nabanye osaziwayo abahlukahlukene.
Imigwaqo enothuli yaseDube Village e-Soweto okuyilapho azalelwa khona ngo-1967 wakhulela khona uDoctor waqale wazama isibhakela.
Kodwa ukushawa kanzima ngenqindi ikona okwamdikibalisa wagxila ebholeni.
Esemusha uDoctor Khumalo wabikezela ngekusasa lakhe ngesikhathi egetshengwa futhi elahlekelwa izinto zakhe zebhola esendleleni egodukayo ephuma ukuyoziqeqeshwa e-Rockville.
“Ngolunye usuku nizofika nizongibona ngidlala enkundleni e-Orlando futhi nizokhokha,” etshela abahlukumezi bakhe abayishumi ngaphambi kokuba asuke ngesivinini.
Ngo-1986 waphinde wabikezela ngekusasa lakhe etshela umngane wakhe uTebogo Moloi odume kwi-Orlando Pirates ukuthi ngelinye ilanga uzojabulisa abantu e-Ellis Park.
Kwakudinga unyaka kuphela ukuze lokho kwenzeke.
Umdlalo wakhe wokuqala othokozisayo, wawudlala ne-Orlando Pirates wafakwa ngokumangazayo eqenjini ekuqaleni komdlalo efakwa nguTed Dumitru ongasekho.
UDoctor Khumalo wayengumfana wesikole ongaziwa owayehlezi endaweni yokushintsha e-Ellis Park ephakathi kwabadlali abaphambili beKaizer Chiefs” abafana no-Ace Ntsoelengoe, uTeenage Dladla, noChippa Molatedi.
Kodwa wafikelwa imicabango ngesikhathi bengena enkundleni uNtsoelengoe wamvimba ukuthi angabuyelu endaweni yokushintsha.
“Ukube ngaphindela endaweni yokushintsha ngangizofika ngikhumule ijezi ngibabuyisele lona ngigqoke i-tracksuit yami bese ngigibela itekisi eliya elokishini elisemgwaqeni u-Commissioner ngishiye konke ngemuva.
Ube ingxenye yeqembu lokuqala leBafana Bafana eladlala umdlalo walo wokuqala wamazwe ngamazwe ngemuva kokubuyiselwa kwi-Fifa ngo-1992.