Everson Luhanga
Ukuziphatha, ukholo, kanye nokuzinikela kusize uMbhishobhi u-Idah Peterside, owayeyisihlabani sebhola likanobhutshuzwayo ukuthi akwazi ukuzinikela futhi aziqhelelanise nenkundla yebhola.
Lo mbhishobhi wake waba unozinti okhokhelwayo kanti wake waya naphesheya kwezilwandle ngesikhathi esadlala ibhola.
UMbhishobhi uPeterside we-Christ Ambassadors Church ezinze e-Kempton Park e-Ekurhuleni uthe waqala ukudlala kwelakubo e-Nigeria ngeminyaka yama-90s ngaphambi kokuthi athuthele e-Israel. Ugcine ekuleli ngemuva kokusayiniswa iqembu lebhola lezinyawo, iTembisa Classic.
Ngemuva kwalokho wajoyina amaqembu akuleli akwi-PSL okubalwa kuwo i-Orlando Pirates neMoroka Swallows.
Wadlala umdlalo wakhe wokugcina ngesikhathi edlalela iMoroka Swallows eyashaya i-Ajax Cape Town ngo 4-0 ngo-2002.
Wadlula ebunzimeni ngesikhathi elimala ngasekupheleni kwalowo mdlalo ngemuva kokuphushwa umdlali owayeyimbangi yakhe.
“Njengonozinti, nganginomthwalo omkhulu waphakathi kwamapali kanye nokuvimbela izimbangi ukuthi zingahluli iqembu lami,” esho.
“Kuwumqondo ofanayo nomthwalo oyimfanelo engaba nawo ngesikhathi nginquma ukukhonza uNkulunkulu ngokusungula ibandla.”
UMbhishobhi uPeterside uthe wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyowuyeka lo mdlalo omuhle ahloniphe ubizo lukaNkulunkulu ngokushumayela iZwi likaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu wawulokhu umtshela ukuthi ahole abantu bakhe.
“Kwakunezikhathi lapho amaqembu engangiwadlalela okwakumele asebenzise khona umuthi. “Angikaze ngihlanganyele entweni enjalo. Ngangikholelwa kuNkulunkulu kakhulu kunasemthini,” esho.
UPeterside waqala ibandla ngemuva kwendlu yakhe nabantu abambalwa kuphela.
Manje usenelinye lamabandla amakhulu eGoli elinamalungu angu-3 000. Uthe kulo nyaka leli bandla ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa.
Ngesikhathi sikathaqa, ibandla lakhe lavula uhlelo lokudla lwawo wonke umuntu emphakathini.
“Kwakunzima kodwa sakwazi ukukwenza futhi sadlula ebunzimeni bathaqa ngomusa kaNkulunkulu,” esho.