Owayedlala ibhola endimeni yomculo 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Ngesikhathi esadlala enkundleni yebhola uJunior Khanye wayeyintandokazi kubalandeli beKaizer Chiefs kanye nakubalandeli bezimbangi zayo ngenxa yobuhlakani kanye nothando lwakhe.

Kodwa udumo lwamhlanyisa waba ngumuntu othanda ubumnandi futhi umsebenzi wakhe webhola othembisayo wanqanyulwa kungazelelwe.

Kodwa-ke, ngemuva kokutholwa isiteshi sebhola sakumabonakude esiku-inthanethi njengomhlaziyi nyakenye, waduma ngokushesha kubabukeli ngenxa yokuhlaziya kwakhe nokwethembeka.

Ngeshwa, ukuhlaziya kwakhe ibhola kwamenza wazondwa ngabantu abakholelwa ekutheni unomunyu ngoba wamosha ithuba lakhe elihle ngesikhathi esangumdlali okhokhelwayo kwelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika.

Njengoba esahamba phambili kosaziwayo uKhanye usenqume ukungena emculweni ngokuhlanganisa ingoma yama-piano ezophuma ngenyanga ezayo.

“Isihloko sithi-‘Obrigado’ futhi ngiyicula ngokuhlanganyela nabaculi abanekhono abafana noDJ Muzi kanye noMbali. Mina noMbali singabaculi. Le ngoma ididiyelwe i-Super and Sticks Beatz,” etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe uqhamuke neqhinga lokwenza ingoma nabadidiyeli ababili ngesikhathi becula emqhudelwaneni webhola odumile nyakenye.

“UCassper Nyovest, uBig Zulu, u-AKA kanye nabaculi abaningi babecula enkundleni yezemidlalo i-Bidvest Wits University eGoli.

“Babe sebengishayela ucingo bangitshela ukuthi nginethalente kangakanani nokuthi bafuna ukusebenza nami kusukela lapho. Le ngoma kwakumele iphume nyakenye, kodwa asibanga naso isikhathi ngoba bengimatasa neminye imikhankaso,” kuchaza uKhanye.

UKhanye owazalelwa e-Daveyton ukholelwa ukutheni le ngoma izokwamukelwa ngemfudumalo emphakathini njengoba esebuyile kule ndima.

“Kule ngoma ngikhuluma ngesipiliyoni sami njengomdlali, indlela engadlala ngayo ngethuba kanye nendlela engibonga ngayo kuNkulunkulu ngelinye ithuba,” kusho uKhanye othi manje usezelwe kabusha – futhi usembonini yamatekisi.

Esithombeni esingenhla: UJunior Khanye

Umthombo wesithombe: Sowetan

Izihloko zakamuva