Kabelo Tlhabanelo
UVictor Mahatanya uthole ucingo ngoLwesihlanu elamutshela ukuthi iqembu le-Bloemfontein Celtic angeke lisadlala e-City of Rose.
UVictor owasungula iqembu le-Bloemfontein Celtic nongasekho uNorman Mathobisa ngowezi-1969, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzizwe kanjani ngenkathi iqembu lakhe limushiya ngemuva kweminyaka engama-52.
Leli qembu lebhola lithengwe usomabhizinisi ophinde abe ngumdlali odumile kumabonakude uShauwn Mkhize.
“Bengizizwa ngathi ngilahlekelwe ingane yami uqobo, kodwa izinto zashintsha ngemuva kokuthola ukuvakashelwa usomabhizinisi uLebogang Mokoena” kusho uVictor.
UVictor noLebogang bahlangane nabalandeli ngoMgqibelo benza isimemezelo sokuthi iqembu selibuyile futhi lizongena kwi-PSL.
Ngaphambi kokuba baveze ukuthi iliphi iqembu, uLebohang ubatshele ukuthi uthenge i-PSL status futhi sebesemaphethelweni okubuyisa i-Bloemfontein Celtic kwi-PSL.
“Ngijabule kakhulu ngenkathi ngibona nenjabulo kubalandeli” kusho uMahatanya obenethemba lokuthi izingxoxo zizohamba kahle.
“Abantu bebejabule kakhulu size sabiza onogada ukuba basikhiphe ngendlela abalandeli abebejabule ngakhona. Bekuwusuku engakaze ngibe nalo empilweni yami. Ngiyabonga indlela uLebohang angeseke ngayo”.
UVictor uthe ngesikhathi befisa ukudayisa iqembu le-Bloemfontein Celtic basizwa umhleli wephephandaba elibizwa nge-The Friend owabasiza ukuba bafake iqembu kwisikhangiso.
“Wasicela ukuba siqambe iqembi igama elithii-Celtic ngoba ubeqhamuka e-Scotland. Sabiza iqembu nge-Bloemfontein Celtic ukuhlonipha umhleli” kusho uVictor.
Ukhumbule ukuthi badlala kanjani umdlalo wokuqala beqhudelana ne-Kaizer XL ephethwe uKaizer Motaung.
“Basihlula ngo 4-0 sidlala ekhaya enkundleni egcwele abalandeli. I-Kaizer yashiyela i-Bloemfontein imali ezi-11,000 kanti nathi kukhona futhi eyasisalela” kusho uVictor.
UVictor uthe basebenzisa lowo mdlalo ukuze bagqugquzele amanye amaqembu ukuba azodlalela enkundleni yese-Bloemfontein.
“Sengichithe izindodla zezigidi ukuze iqembu liphile lihlale nasendaweni yase-Bloemfontein” kusho uVictor.
“Kodwa ngiphuke inhliziyo uma ngizwa ukuthi iqembu lidayiselwe isifundazwe saKwaZulu-Natali”.
UVictor uzizwe eziqhenya ngenkathi uLebogang emudlalisa ngokuthi usezomenza uMengameli weqembu.