Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UMlungisi Jim wayengasebenzi futhi ehlala yedwa ngesikhathi umama wezingane zakhe ezimbili emshiya nazo.
Ubaba oneminyaka engu-57 ubudala wase-Lower Crossroads eKapa ubone ukuthi kuzomele abheke izindlela zokungenisa imali endlini ukuze ondle umndeni wakhe.
Waqala ukuqoqa amabhodlela namakani elokishini langakubo ukuze awadayisele inkampani egaya kabusha izinto.
“Akekho owayezonginikeza ukudla nsuku zonke ukuze ngondle izingane zami ezineminyaka eyisithupha neyishumi. Njengoyise imina okwakumele ngizinakekele,” kusho uJim.
“Ukuqoqa amabhodlela angenalutho ngiwadayisele izinkampani ezigaya kabusha ikhona okubeka ukudla etafuleni emndenini wami, futhi anginamahloni ngalokho. Ngisho nabantu abaseduze kwami bayayazi into engiziphilisa ngayo.”
Nsuku zonke uJim uvuka ngehora lesihlanu ekuseni ukuze alungiselele izingane zakhe esikoleni futhi azihambise ngemuva kwalokho aqale ukufuna amathini namabhodlela.
Kuya ngokuthi uqoqa amabhodlela amangaki ngesonto angenza imali efinyelela ku-R1 000 uma eqoqe u-1,100kg wamabhodlela.
UJim uthi ufuna ukuthola umama wezingane zakhe wagcina ukumbona ngenkathi eshiya izingane eminyakeni emithathu edlule.
“Sengizamile ukumbheka, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kubukeka sengathi wanyamalala.”
Usola ukuthi umama usathola imali yesibonelelo sikahulumeni yezingane. “Akukho engingakwenza ngoba anginazo izitifiketi zabo zokuzalwa. Umama wabo wahamba nazo. Angiyitholi imali yesibonelelo sikahulumeni futhi ngikholwa ukuthi izowenza omkhulu umehluko.”
Intatheli ye-Scrolla.Africa ithinte abakwa-Sassa ukuze bahlole ukuthi bangakwazi yini ukumsiza uJim kanti okhulumela u-Sassa uShivani Wahab uphendule wathi: “Singamsiza ekutholeleni izingane zakhe isibonelelo sikahulumeni. Into esiyifunayo kuyena incwadi efungelwe yakwa-SAPS eshoyo ukuthi uhlala nezingane zakhe kanti akazi ukuthi umama wazo wabheka ngaphi.”
Esithombeni esingenhla nguMlungisi Jim oqoqa amabhodlela angenalutho awadayisele inkampani egaya kabusha izinto.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze