OwaseTshwane uzoba nokhetho lukaSomlomo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umfelandawonye wamaqembu  aholwa i-DA uzoqoka ozongenela ukhetho esikhundleni sikaSomlomo kuMasipala wase-Tshwane.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi uKholofelo Morodi we-ActionSA oyikhansela kumasipala wase-Tshwane nguyena ozongenela isikhundla sikaSomlomo.

Njengamanje uMorodi ungusihlalo obhekelele ukusebenza lwezimali kumasipala MPAC futhi kulindeleke ukuthi athathe izintambo zokuba usomlomo uma ekhethwa namhlanje.

Isikhundla sikaSomlomo sivuleke ekuqaleni kwale nyanga ngesikhathi uMrunwa Makwarela eqokwa njengemeya yesigungu esiphezulu ngemuva kokusuka kumfelandawonye we-DA ne-ActionSA eya kumfelandawonye we-ANC ne-EFF lapho afike waba imeya khona.

UMurunwa Makwarela wesule esikhundleni sokuba imeya yase-Tshwane ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseGoli ePitoli ithi isitifiketi sakhe sokuhlunyeleliswa kwezikweletu singumgunyathi.

Kusukela lapho umasipala wase-Tshwane ubungenawo usomlomo noma imeya.

Umkhandlu uzohlala ukuze ukhethe usomlomo walo masipala.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umholi we-ActionSA uHerman Mashaba akakwazanga ukuqinisekisa noma ukuphika ukuthi uMorodi uzoqokwa njengosomlomo yini emhlanganweni womkhandlu ozoba namhlanje.

UMashaba uthe abantu bazokwazi emhlanganweni womkhandlu ukuthi ngabe ukhona yini ozomela i-ActionSA. “Sekusele amahora ambalwa kuphela. Njengabezindaba niyamenywa ukuthi nihambele umhlangano womkhandlu,” esho.

Imizamo yokukhuluma noMorodi ayiphumelelanga njengoba engazange aphendule izingcingo noma imiyalezo athunyelelwe yona.

Esithombeni esingenhla: UKholofelo Morodi we-ActionSA oyikhansela kumasipala wase-Tshwane 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva