OwaseNquthu ugunyaze ukusetshenziswa kwesi-Suthu ezikoleni zendawo

Celani Sikhakhane

UMasipala waseNquthu eKZN ngoLwesithathu umemezele ukuthi sekuzosetshenziswa ulimi lwesi-Suthu ukufundisa abafundi ezikoleni zendawo.

Lokhu kuqede impi enkulu yokuthi imiphakathi ekhuluma i-siSuthu ifuna ulimi lwayo lwaziwe endaweni. 

Abafundi abakhuluma isiSuthu baklonyeliswe ngokwenza kahle kakhulu ephepheni labo lika matikuletsheni nyakanye.

Bekungokokuqala ngqa ukuthi ulimi lwesiSuthu luhlonishwe ngezinga lemfundo eNquthu.

IMeya yaseNquthu, uZama Shabalala, ithe luyaqhubeka uhlelo lokuhlinzeka wonke amaphepha kaMasipala ukuthi abhalwe ngesiSuthu okuhlanganisa nezikhangiso zebhodi elikhulu ukuze kuhlaliswane kahle emphakathini wa-Basotho.

“Sesiqalile ukwamukela ngisho imisebenzi yamasiko emiphakathi ya-Basotho,” kusho uShabalala.

“Lokhu sikwenza ngoba siyaqonda ukuthi sihlanganisa imiphakathi yezizwe ezahlukene lapha eNquthu. Kusukela manje zonke izincwajana ezisiza umphakathi zizobhalwa ngesi-Suthu, IsiZulu nesiNgisi ukuze abantu bakithi bangazizwa sengathi abanye babaluleke kakhulu kunabanye.”

Imiphakathi ya-Basotho iyisizwe sesibili esibusayo ngemuva kwamaZulu eNquthu.

Kule minyaka edlule izingane bezifundiswa ngesiZulu njengolimi lwebele.

UTebogo Motloung, ongumfundi wesikole samabanga aphakeme i-Ikaheng utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abanye abazali bahambisa izingane zabo e-Gauteng noma e-Free State ukuze zifundiswe ngolwimi lwesi-Suthu njengolimi lwazo kwebele.

“INquthu inezikole ezimbili kuphela zamabanga aphezulu ezifundisa i-Sisuthu. Ngakho-ke izingane zigcina zibhalise ezikoleni ezifundisa isiZulu njengolimi lwazo lwebele. Ulimi lwesi-Suthu balifunda ekhaya  kuphela. Sibona sengathi ulimi lwethu selubukelwe phansi isikhathi eside,” kusho uMotloung.

Cishe u-7% wabantu baseNquthu bangabesizwe sa-Basotho. Induna yabo nguBokang Molefe.

Izihloko zakamuva