Dylan Bettencourt
Iqembu lase-Spain, i-SD Huesca, linqamule inkontileka yomdlali wase-Nigeria, uKelechi Nwakali.
Lo mdlali kusolwa ukuthi ubedlala kwi-Africa Cup of Nations (i-Afcon) ngoMasingana ngemuva kokuthi anqatshelwe ukuya khona.
UNwakali uthe iqembu lamcela ukuthi angabe esaba ingxenye yomdlalo wase-Afrika, leso sicelo wasishaya indiva waya e-Cameroon ukuyomela izwe lakhe.
“Ngeke ngisathula manje,” kusho uNwakali esitatimendeni kwi-Twitter, ngaphambi kokuba afake izikhalo eziningi ngeqembu.
Lo mdlali wasesiswini uthe umqondisi wezemidlalo kwi-Huesca uRuben Garcia wamcindezela ukuthi angangeni eqenjini lase-Nigeria, wengeza ngokuthi uGarcia usebenzisa kabi amandla akhe ukumphoqa ukuthi asayine inkontileka entsha.
UNwakali uthe ithimba liphinde lahluleka ukumkhokhela ngesikhathi.
Iqembu liyaziphika izinsolo zalo mdlali oneminyaka engu-23 lithe lizoziphendulela enkantolo uma kufanele.
“Iqembu ngaso sonke isikhathi liyazama ukuhlonipha umdlali,” kusho uHuesca esitatimendeni.
“Uma kubhekwa ubucayi bezinye izitatimende, iqembu linelungelo lokusebenzisa noma iziphi izenzo elibona zifanelekile ukuvikela amalungelo nezintshisekelo zayo ezisemthethweni.”
Iqembu limemezele ngoLwesibili ukuthi seliyinqamulile inkontileka kaNwakali kodwa alizange linikeze isizathu ngesinqumo.
UNwakali wagcina ukubonakala kuleli qembu mhla zimbili kuMasingana ngaphambi kokuthi aye kwi-Afcon lapho ayedlala khona yonke imidlalo yesigaba samaqoqo.
Uphuthelwe i-Super Eagles emzuliswaneni wesi-16 ihlulwa i-Tunisia ngenxa yokugula.
Lo mdlali odabuka e-Nigeria uthe wenziwa ukuthi aziqeqeshe yedwa ngesikhathi ebuya e-Cameroon. Isifiso sakhe manje ukuthi abuyele ekudlaleni ibhola futhi.
“Engifuna ukukwenza ukubuyela ekudlaleni lo mdlalo engiwuthandayo,” kwengeza uNwakali.
Umthombo wesithombe: @EveningStandard