OwaseNigeria uhlabane ngendondo kumaBET

Lubhalwe nguJayne Augoye

Isihlabani sase-Nigeria uBurna Boy siwine indondo ye-Best International Act okwesine kuma-BET Awards ka-2023 ngempelasonto.

Lo mcimbi ububanjelwe e-Microsoft Theatre e-Los Angeles, eMelika.

Omunye umculi wase-Nigeria, uTems uhlomule indondo ye-Best Collaboration ngokubamba iqhaza kwingoma kaFuture ethi “Wait For U” okukhona kuyo nomrepha wase-Canada uDrake. Kodwa uBurna Boy akazange ayithole indondo ye-Best Male R&B/Pop Artist abeyibanga noChris Brown no-Usher.

USZA noBeyoncé bawine izindondo ezintathu umuntu ngamunye, okuhlanganisa nendondo eyodwa ababambane kuyo ye-Album of the year.

Lo mcimbi ubugubha iminyaka engu-50 ye-Hip Hop njengoba uBusta Rhymes ethole indondo ye-Lifetime Achievement.

Okunye obekugqamile kulomcimbi kukhunjulwe isihlabani somculi esingasekho uPatti LaBelle, ingqalabutho ye-Rock & Roll, uTina Turner noDavido bacule ingoma yakhe ethi “Feel It” nenye ethi “Unavailable” eku-albhamu yakhe ethi Timeless.

Abanye abangene esiteji iKid N Play, u-Uncle Luke, uWarren G, u-E-40, uFat Joe, uJa Rule, uMaster P, uRemy Ma, uTrick Daddy, uTrina, i-the Ying Yang Twins, uChief Keef, uSoulja Boy, kanye noTyga. Abaqokwe ngo-2023 uCoco Jones, uDoechii, noGloRilla nabo bahlobise isiteji.

Lo mcimbi ohlonipha umculo omnandi onyakeni, kumabonakude, amafilimu nakwezemidlalo, ulandele ezinyathelweni zeminye imicimbi eminingi futhi awuzange ube nomdidiyeli ngesikhathi ugubha iminyaka engu-50 wasungulwa.

Uhlu lwabaculi abaphumelele:

Abawine i-Album Of The Year (ababambene) uSos Sza noRenaissance Beyonce. 

Abawine indondo ye-Best Collaboration

UFuture ft Drake & Tems ngengoma yabo ethi-Wait For U. 

Owine eye-Best Female R&B/Pop Artist uSza.

Owine indondo ye-Best Male R&B/Pop Artist (ababambene)

UChris Brown no-Usher. 

Owine eye-Best New Artist

uCoco Jones. 

Abawine eye-Best Group uDrake ne-X 21 Savage. 

Othole eye-Best Female Hip Hop Artist uLatto.

I-Best Male Hip Hop Artist

UKendrick Lamar.

Abawine i-Best Gospel/Inspirational Award i-Maverick City Music & Kirk Franklin ngengoba yabo ethi-Bless Me.

Iwine eye-Bet Her Award uBeyonce ngengoma yakhe i-Break My Soul.

Owine i-Video Of The Year uSza ngengoma yakhe ethi-Kill Bill.

Owine i-Video Director Of The Year uTeyana “Spike Tey” Taylor. 

Abawine endondo ye-Best Movie i-Black Panther: Wakanda Forever. 

Owe-Best Actress u-Angela Bassett. 

Owine eye-Best Actor uDamson Idris. 

Owe-Youngstars Award uMarsai Martin. 

Owine eye-Sportswoman Of The Year u-Angel Reese.

Owine eye-Sportsman Of The Year uJalen Hurts. 

Owine eye-Viewer’s Choice Award uBeyonce nge-Break My Soul. 

Othathe eye-Best International Act uBurna Boy

Izihloko zakamuva