Dylan Bettencourt
Umphathi waseNgilandi usethole isexwayiso esinzima esivela kwisikhulu esiphezulu seNdebe yoMhlaba.
Isikhulu esiphezulu seNdebe yoMhlaba yase-Qatar, uNasser Al Khater, usexwayise umphathi weNgilandi, uGareth Southgate, ukuthi akhethe amagama akhe ngokucophelela uma edingida umlando wezwe wamalungelo abantu.
Kwaba nempikiswano ukuze i-Qatar inikezwe amalungelo okusingatha iNdebe yoMhlaba nakuba kwaba nezinsolo zokungaphathwa kahle kwabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle kanye nokuthi ubutabane abukho emthethweni. Impatho yesizwe kwabesifazane nayo ayiyinhle.
USouthgate uthe umhlaba akufanele uzithele ngabandayo ngezindaba ezithinta umhlaba wonke.
Ubambe umhlangano neqembu laseNgilandi ngesikhathi sekhefu lamanje lamazwe ngamazwe ukudingida izinselelo abantu base-Qatar ababhekana nazo.
Izingxoxo ziholele ezinkulumweni zokuthi kungase kube khona ukuduba kanti uSouthgate uye wabuza ukuthi yini ezofezeka ngalokho.
U-Al Khater akavumelananga noSouthgate futhi uphakamise ukuthi laba bobabili babonane ubuso nobuso uma sekunengqungquthela ye-Fifa e-Doha, ukuze baxoxe ngemibono yabo.
“Ingabe usekela izitatimende zakhe esidlangalaleni ngalokho akufundile?” kubuza u-Al Khater.
Uthe lolu wudaba okungamele akhulume ngalo elususela ezintweni azifundile.
Ekhuluma ne-Sky Sports, u-Al Khater ubuze ukuthi ngabe umphathi weNgilandi wake waya e-Qatar yini nokuthi lokhu kuphawula kwakhe kuvelaphi.
“Umuntu onethonya elikhulu njengoSouthgate, onezithameli eziningi ezilalela lokho akushilo, kufanele akhethe amagama akhe ngokucophelela,” esho.
“Ngicabanga ukuthi ngaphambi kokwenza izitatimende uma kukhulunywa ngabasebenzi, kumele eze lapha azokhuluma nabasebenzi aqonde ukuthi abasebenzi batholani ngokuba lapha.”
U-Al Khater wengeze ngokuthi izigameko ezenza kube nemithombo yezindaba ebumba umbono wabantu abangakaze bavakashele e-Qatar kodwa unethemba lokuthi bazowushintsha umqondo kaSouthgate uma behlangana.
“Ngikubheke ngabomvu ukumemukela lapha. Ngikubheke ngabomvu ukuhlangana naye lapho okutonyulwa khona amaphuzu. Engawulalela umbono wami. Akumele akholwe, kodwa okungenani udinga ukujula ukuze aqonde imibono eyahlukene futhi aqonde amasiko ahlukene,” esho.
Umthombo wesithombe: @CaughtOffside