OwaseNgilandi ngelokushaya umdlali wekhilikithi waseNingizimu Afrika

Dylan Bettencourt

Osolwa ngecala lokushaya umdlali wekhilikithi waseNingizimu Afrika uMondli Khumalo e-UK uboshiwe wathweswa icala ngamaphoyisa endawo.

Owayedlala ikhilikithi yabangaphansi kweminyaka engu-19 waKwaZulu-Natal uKhumalo, ushaywe kanzima ngeSonto, kwaphoqeleka ukuthi lo mdlali alaliswe esibhedlela.

“Umdlali (20) ushaywe kanzima kulesi sigameko kanti usesibhedlela ulashelwa ukulimala kabi ekhanda,” kusho u-Avon kanye namaphoyisa ase-Somerset etshela i-Somerset County Gazette.

“Isigameko senzeke ngezithuba zabo-03:00 endaweni yase-Friarn Street kanti sibandakanya abantu abaningi.”

UKhumalo kuthiwa uqulekile kulandela ukushaywa ngemuva kokuthi abezempilo bemthole engaphefumuli endaweni yesigameko.

Usehlinziwe ngenxa yokulimala okudalwe ukushaywa.

Umsolwa (27) uboshwe ngezinsolo zokulimaza kanzima.

Umsolwa ube esededelwa ngaphansi kophenyo.

UKhumalo manje udlala kwi-North Petherton yaseNgilandi. Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi yena neqembu lakhe begubhe ukuwina kwabo ekuseni ngalelo langa.

“Sithathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi umndeni kaMondli oseNingizimu Afrika uhlala unolwazi olunzulu ngesimo sakhe, kanye nokuthi luqhubeka kanjani uphenyo lwethu,” kusho u-Avon kanye nonsumpa wase-Somerset uRichard Turner.

“Uphenyo olugcwele luyaqhubeka, kanti singene indlu nendlu sibuza imibuzo futhi siyaqhubeka nokubuyekeza izithombe ze-CCTV endaweni yonke ukuze siqinisekise ukuthi siqoqa bonke ubufakazi obukhona.”

Iqembu likaKhumalo, i-North Petherton, lithe lisashaqekile ngalesi sigameko.

“Bonke abantu kwi-North Petherton Cricket Club bashaqekile ngesigameko esenzeke e-Bridgwater esiholele ekutheni umdlali wethu waphesheya uMondli Khumalo alaliswe esibhedlela i-Southmead e-Bristol namuhla ekuseni,” kusho isitatimende seqembu.

“Sidlulisa ukumeseka okusuka enhliziyweni ukuze alulame ngokugcwele futhi ngokushesha. Izinhliziyo zethu zizwela umndeni wakhe, abangani kanye nozakwabo eNingizimu Afrika.”

Alukho usuku olubekiwe lokuthi uKhumalo uzophuma nini esibhedlela.

Njengoba izikweletu zokwelashwa kanye nezokunakekelwa okwengeziwe zingaziwa, i-North Petherton isungule ikhasi lokuxhasa ngemali kunoma ngubani ozimisele ukunikela ngezindleko zokwelashwa.

Umthombo wesithombe: @BBC

Scrolla World Cup Quiz