OwaseNelson Mandela Bay ulwa nesihlava sokwebiwa kwamakhebula kagesi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Sekuphele iminyaka iNelson Mandela Bay ikhungethwe isihlava sokwebiwa nokucekelwa phansi kwamakhebuli kagesi okungapheli nokudla umasipala imali engaphezu kuka-R23 million minyaka yonke.

Naphezu kwayo yonke imizamo yokulwa nalesi sihlava amasela asebenza ngamakhebula abonakala ehlezi ethola indlela. Kodwa manje, umasipala usuqhamuke nesixazululo esihle kakhulu – izibani zasemgwaqeni eziphezulu ezingasindisa usuku!

Ngenani lika-R3.5 million uhlelo lokuhlola likamasipala lihlanganisa ukufaka ama-solar panel, izibani, namabhethri aphezulu endaweni ephakeme ngamamitha angu-20.

Okwenza la malambu ashintshe izinto ukuthi awadingi izintambo zikagesi futhi ukuphakama kwawo kwenza izigebengu zingakwazi ukufinyelela kuma-solar nemishini.

Umphathi wezepolitiki kagesi namandla kumasipala waseNelson Mandela Bay, uLance Grootboom uchaze lolu hlelo wathi “Ukwakhiwa okuqinile kwezigxobo eziphezulu kusho ukuthi ngeke zisikwe noma zidonswe ngemoto njengesigxobo esivamile somgwaqo.”

Le ndlela yokuphatha ayivimbi nje kuphela ukweba kodwa iphinde iqede nesidingo sezindleko zokunakekela ezibizayo nokuyinto engase yongele umasipala imali engaphezu kuka-R20 million ngokuhamba kwesikhathi.

Njengomzamo wokuqala la malambu asemgwaqeni aphezulu azofakwa ezindaweni ezithinteke kakhulu.

“Uma sibona impumelelo yalolu hlelo sizolidlulisela kwezinye izindawo ezithintekile,” kwengeza uGrootboom.

Umasipala awuwodwa kule mpi yokulwa nobugebengu nokucekelwa phansi kwempahla. Izigebengu zintshotsha ucingo lukagesi lokubiya emathuneni kanye namakhebula kajantshi wesitimela kwezinye izingxenye zikamasipala. Muva nje izigebengu zibanjwe oqotsheni zizama ukususa amakhebula kajantshi wesitimela eduze kwaseChief Dawid Stuurman International Airport.

Esithombeni esingenhla: Isibani sasemgwaqeni esicekelwe phansi kwantshontshwa izintambo zikagesi

Umthombo Wesithombe: Red Alert Electronic Security EC

Izihloko zakamuva