OwaseMzinyathi nezinkinga zezimali

Celani Sikhakhane

Omunye womasipala bezifunda ezinezinkinga KwaZulu-Natal sekusele kancane ukuthi uwe.

Abasebenzi bakaMasipala wesiFunda uMzinyathi abakaholelwa imiholo abebefanele ukuyihola ngoLwesihlanu.

Abasebenzi baphatheke kabi ngemuva kokutshelwa ukuthi umasipala ngeke ukwazi ukubaholela ngoba awunayo imali kwi-akhawunti yawo.

Abasebenzi abakhulume ne-Scrolla.Africa ngempelasonto baveze ukuthi kuholelwe amakhansela kuphela.

“Sinezikweletu okumele sizikhokhe, bacabanga ukuthi siyithathaphi imali uma singayithathi kubo njengabaqashi bethu.Thina siyinjini yalo masipala kodwa bakhetha ukungasiholeli, ibuhlungu lento futhi ngicindezeleke kakhulu,” kusho omunye umsebenzi okhulume ngaphansi kombandela wokungadalulwa igama.

Ngonyaka ka-2019/2020 uMcwaningi Mabhuku uveze isithombe uesibi ngoMzinyathi. Umasipala waze wehluleka ngisho nokufaka umbiko wawo wezimali ngesikhathi.

USotswebhu we-ANC, uuBongani Khambule, uthe abaqondi ukuthi kungani umasipala wehluleka ukuholela abasebenzi ngoba basanda kusebenzisa u-R2.5 million emjahweni wokuhlungela i-Comrades Marathon obusekuqaleni kwenyanga.

“Abaholi bezepolitiki kumasipala babukeka bengazi ukuthi yini okumele yenziwe ukuze kubhekwane nezidingongqangi kanye nokubekwa phambili kwezidingongqangi emphakathini waseMzinyathi okhungethwe ububha, isomiso kanye nokushoda kwezindlu zangasese,” kusho uBongani.

I-ANC esifundazweni idalule ukuthi ngisho nabahlinzeka ngezidingo abakakhokhelwa kanti nezinhlelo eziningi zamanzi azikaqedwa ngenxa yalesi sizathu.

Umasipala uzichithile izinsolo zokuthi uboleka imali ukuze  ukwazi ukufaka imali kwi-akhawunti yawo.

IMeya uMnu Petros Ngubane uthe azilona iqiniso izinsolo ezibhekiswe kumasipala zokuthi usuphendukele emalini ebolekisayo ukuze ukhokhele abasebenzi bawo ngenxa yokushoda kwemali.

“Amanga akhulunywa ngomasipala wethu awagcini nje ngokuba ngamampunge kodwa ayihlazo. Isimo esikhona ukuthi imiholo yabasebenzi bethu ibekwe ngendlela esibhekelela ngayo izinhlelo zentuthuko kulo nyaka wezimali,” kusho uNgubane.

Izihloko zakamuva