OwaseMkhanyakude nezinkinga zokungakhokheli abasebenzi

Lungani Zungu

Umasipala wesifunda uMkhanyakude KwaZulu-Natal okhungethwe izinkinga wehlulekile ukukhokhela abasebenzi bawo abangaphezu kuka-350.

Lokhu kufake inqwaba yabasebenzi bakamasipala osenyakatho neKZN enkingeni yokuphucwa izimoto nemizi yabo.

Abanye kudingeke ukuthi baboleke imali ezihlotsheni nakubangani babo ukuze bakwazi ukuziphilisa.

“Lokhu kuwukungabi nabulungiswa kubo bonke abantu abangakhokhelwanga. Sisebenza inyanga yonke kodwa asiholi,” kusho umsebenzi ongathandanga ukudalulwa.

Abasebenzi bekumele bakhokhelwe ngomhlaka-25 kuNcwaba.

Omunye umsebenzi uthe: “Akekho ositshelile ukuthi ngeke sihole. Angazi ukuthi ngizoyithathaphi imali yokukhokhela imoto nendlu yami.

“Sinxusa uhulumeni wesifundazwe ukuthi angenelele asisize sithole imali yethu esiyisebenzele kanzima.”

Umasipala wehlulekile ukugunyaza isabelomali sawo sika-2022/23 kanye nesabelomali sohlelo lwentuthuko (IDP) ngenxa yokungaboni ngasolinye phakathi kwe-IFP namakhansela e-ANC kulo masipala.

Lokhu kuholele ekutheni izinsiza ezifana nokuhlinzekwa kwamanzi kanye nogesi kube mapeketwane ezindaweni ezifana neHluhluwe kanye naseMtubatuba.

I-IFP isole i-ANC ngosizi olukhungethe lo masipala osekuholele ekutheni ufakwe ngaphansi kobuholi.

“Ngakho-ke, sicela uNdunankulu osanda kuqokwa uNomusa Dube-Ncube ukuthi angenelele ngokushesha axazulule izinkinga zaseMkhanyakude,” kusho uSihle Ndlovu onguSihlalo weKhokhasi kaSotswebhu ye-IFP eMkhanyakude.

Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu asanda kuhlangana kumasipala waseMkhanyakude efuna kuphasiswe isabelo-mali.

NgoLwesithathu kuzophinde kubhikishe amalungu omphakathi ngaphandle kwebhilidi likamasipala okhungethwe izinkinga.

Okhulumela umasipala uMdu Dlamini uthe ukubambezeleka kokukhokhwa kwemiholo kungenxa yokuthi umphathi uMnu Bamba Ndwandwe kumele abhekisise yonke imali ekhokhelwa abasebenzi.

“Kuyadabukisa ukubambezeleka kodwa lokhu akwenzeki kumasipala wethu kuphela,” kusho uDlamini.

Izihloko zakamuva