OwaseMelika uqhathanisa izinto ezahlukene

Dylan Bettencourt

UMeghan Markle oyi-Duchess of Sussex ngokwazi kwethu hhayi iqhawe eliphikisana nobandlululo uthe wezwa ukuthi umshado wakhe wawugujwa kwelakuleli njengokukhululwa kwalowo owake waba nguMengameli uNelson Mandela ejele.

Engxoxweni abe nayo nemagazini yaseMelika uMarkle ukhumbule isikhashana kusuka ngo-2019 ngesikhathi ehambele umbukiso wokuqala wase-London, i-The Lion King, ethi, “Ngangisanda kubeletha u-Archie kwakuyisikhathi esinzima ngisaba nokuphuma.”

Umlingisi wakuleli wabe esemdonsela eceleni emtshela ukuthi umshado wakhe ubugujwa kanjani kwelakuleli.

“Wayefana nokukhanya wamtshela ukuthi, ‘Ngidinga wazi ukuthi uma ushada kulo mndeni siyajabula emigwaqeni ngendlela efanayo nesasenza ngayo ngesikhathi kukhululwa uMandela ejele’,” kusho uMarkle etshela i-The Cut.

UMarkle unobudlelwane bothando nenzondo ngelakuleli ngemuva kokudalula ukuthi indodana yakhe yacishe yasha enkulisa ngesikhathi ivakashele kuleli.

Ngemuva kwe-podcast yakhe yokuqala i-Archetypes South Africans ku-Twitter uzwe ukuthi abakwaDuchess benza izwe libe libi kakhulu kunalokho eliyikho.

Ngenxa yalokho i-hashtag ethi #VoetsakMeghan ibigcwele ezinkundleni zokuxhumana impelasonto yonke njengoba u-Markle, ekujwayele ukuhlulumezeka ezinkundleni zokuxhumana. 

Umzukulu kaMengameli wokuqala wentando yeningi wakuleli uZwelivelile “Mandla” Mandela uyichithile imigubho yomshado kaMarkle.

“Singasho kubantu ukuthi umzabalazo wethu awunakufaniswa nabantu abadansa emigwaqeni nabacula igama likaMadiba,” etshela i-MailOnline.

“Kufanele kukhulunywe nezibazi kanye nobuhlungu besikhathi esidlule esiphuma kubo.”

Umzukulu kaMandela wanikeza iseluleko kuMarkle ngokuthi angafaniswa kanjani nomuntu owazuza umklomelo wokuthula we-nobel esikhathini esizayo.

“Phuma lapho uphakamise imikhono yakho uthuthukise izimpilo zabantu abavamile e-England nase-United Kingdom,” kusho uZwelivelile.

“Ngobuntu bakhe kuningi okuhle angakwenza emphakathini womhlaba ngokulandela ezinyathelweni zikaMadiba.”

Umthombo wesithombe:  @Town&CountryMagazine

Izihloko zakamuva