Lubhalwe nguSihle Mavuso
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (CoGTA) usuqale uphenyo lokuqala ngomasipala waseBaqulusini ophethwe i-Nkatha Freedom Party e-Vryheid.
Lolu phenyo lugqugquzelwe impimpi ebhalele uMnyango ekuqaleni kwalo nyaka. Le mpimpi yenze izinsolo eziningi kanti phakathi kwazo ngezokuthi abasebenzi baqashelwa ukuthi basebenze e-call centre kamasipala uma behlobene namakhansela athile.
Le mpimpi iphinde yaveza ukuthi kunezikhundla eziphezulu eziphethwe abantu abaqashwe ngaphandle kokulandelwa kwemigudu efanele.
Kolunye udaba, le mpimpi iveze ukuthi ibamba lomphathi kamasipala, uMnuz Sibonga Dlamini uhlala emzini ose-Vryheid okusolwa ukuthi wakhiwe kusetshenziswa imali kamasipala ukhokhela isitolo sezinto zokwakha.
“UNkk Sbonga Dlamini unomuzi e-Vryheid owakhiwe ngempahla ethengwa uMasipala wasebaQulisini kwa-Ace Mica hardware. Le ndlu yakhiwa ngo-2022/23 futhi manje isiqediwe,” kufundeka incwadi evela kwa-CoGTA eya kuSomlomo kamasipala uNonkululeko Ndlela njengengxenye yophenyo lokuqala ngalezi zinsolo.
Ngaphezu kwalokho, impimpi itshele uNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi ukuthi lowo owayeyiPhini leMeya, uMichael Khumalo uphila ngokungaphezu kwamandla akhe.
“Ikhansela uMB Khumalo uphila impilo yobukhazikhazi okucatshangwa ukuthi ingaphezu kwamandla akhe (imali ayihola kuMasipala wasebaQulusini). Unemizi emine etholakala e-Vryheid, esigodini saseShoba, eNtseka kanye nasesigodini saseZwathi.
“Uphinde abe nezimoto ezine okuyi-Audi A6, i-Isuzu bakkie, i-Toyota Fortuner kanye ne-Mercedes Benz ML,” kuqhuba incwadi.
UNdlela ukuqinisekisile ukuthi basitholile isicelo sokuthola eminye imininingwane kwa-CoGTA. Uphinde wavikela uNksz Dlamini, wathi ngemuva kokwenziwa kwalezi zinsolo bambuza wakwazi ukunikeza izimpendulo.
“Sike sabuza kuNksz S Dlamini ngalezi zinsolo. Eziphendulela ngalezi zinsolo, ubikele umasipala ukuthi indawo yakhe yathengwa njengendawo ekhona ngo-2015 yadluliselwa kuye ngo-2016 kudala ngaphambi kokuthi aqokwe njengomqondisi wezinhlelo zezinkampani kumasipala ngoMasingana ngo-2018. Ukuthenga kwakhe le ndawo kwenziwa ngokusemthethweni ngendlela ye-mortgage bond.
“Ekuqinisekiseni lokhu siyalele abameli bakamasipala ukuthi bathole amarekhodi ehhovisi lamatayitela ukuze kutholakale ukuthi ngubani umnikazi wendawo. Empendulweni sinikezwe ikhophi yetayitela lakhe eliqinisekisa lokhu okungenhla. Okunye okubonakala etayiteleni ukuthi ibhondi yezindlu zokuhlala isakhona,” kusho uNdlela etshela i-Scrolla.Africa wabe esenamathisela amaphepha.
Mayelana nezinsolo ezibhekiswe kuKhumalo, uNdlela uveze ukuthi useneminyaka engaphezu kuka-20 eyikhansela, useke waba uSomlomo waphunde waba yilungu lekomiti lomkhandlu ebaQulisini iminyaka eminingi ngaphambi kokuthi adlulele kumasipala waseZululand nyakenye lapho asebenza khona njengamanje njengelungu lekomiti lomkhandlu. Uphinde abe yikhansela ewadini lesini ebaQulisini.
“Njengawo wonke amanye amakhansela nezikhulu zikahulumeni, usayine ifomu lakhe lesimemezelo futhi akukho okungahambi kahle okungavumela umasipala ukuthi uphikise okuqukethwe isitatimende sakhe.”
Esithombeni esingenhla: Amahhovisi kamasipala wendawo Abaqulusi enkabeni ye-Vryheid.
Umthombo wesithombe: Sihle Mavuso