Owase-Uganda nethalente kwelomnqakiswano

Dylan Bettencourt

Ukuba ukaputeni webhola lomnqakiswano wase-Uganda bekubonakala kuyinto engeke yenzeke kuProscovia Peace uma kubhekwa ubunzima abhekana nabo.

Njengoba elungiselela ukuhola iqembu lakhe ochungechungeni lwemidlalo emithathu bedlala neNgilandi, uPeace (32) ukhumbula emuva lapho avela khona.

Uthe ukungakhulelwa esemncane noma ukushada esemncane kuneqhaza elikhulu ekumfikiseni kuleli zinga akulo.

“Ngisho namanje, ukukhulelwa kwentsha e-Uganda kusezingeni eliphezulu. Lokho kungikhombisa ukuthi iningi lamantombazane awaliboni ikusasa elizayo futhi aphoqelelwa ezimweni ezinjengalezi,” etshela i-BBC World Service.

“Ngazibonela ngawami amehlo. Kwakusabisa kodwa yikhona okwangenza ngazimisela.”

Ukukhulela esifundeni sase-Arua e-Uganda kanye nokudlala ibhola lomnqakiswano njengendlela yokubaleka kwakungelula.

“Izimo esasiziqeqesha ngaphansi kwazo zazizimbi kakhulu. Asikaze sibe nebhola lomnqakiswano elifanele,” esho.

“Sasakha amabhola omnqakiswano ngezikhwama zokuthenga futhi sasingena ehlathini siyolanda izinduku esasizisebenzisa ukwenza amapali.”

UPeace waveza ithalente lakhe  esikoleni kodwa uyise wayefuna ukuthi afunde enyuvesi esikhundleni sokuzabalazela iphupho lakhe lokudlala ibhola lomnqakiswano.

Ngesikhathi ephikisana nezifiso zikayise futhi egibela ibhasi, uPeace wadliswa ushevu.

“Umuntu engingamazi wanginikeza uswidi nami ngawuthatha ngoba uma unikwa okuthile uyakwamukela,” esho.

“Ngawudla uswidi kodwa ngemuva kwalokho ngaqala ngaphuma igazi ngase ngiphathwa isisu.” 

UPeace walulama ngokuphelele futhi wakhuphukela phezulu waba ngomunye wabashayi magoli abahamba phambili emhlabeni futhi waqopha umlando ngokuba ngowase-Afrika wokuqala ukudlala kwi-United Kingdom’s Super League.

UPeace usize i-Uganda yafinyelela endaweni yesithupha esigabeni somhlaba.

“Ngizizwa ngithobekile ngokuba  ngumuntu abanye abangabukela kuye. Bengilokhu ngikholelwa kakhulu ekutheni akuzona izindebe engizitholayoAngenzeli ukuwina izindodo nje qha kodwa ngenzela ukuba nomthelela omuhle ezimpilweni zabanye abantu,” esho.

Umthombo wesithombe: @AthletesVoice

Izihloko zakamuva