
Dylan Bettencourt
Idolobha lase-Tshwane selikhombisile ukuthi akekho ophephile ekucishweni kukagesi futhi lokho kubandakanya nendlu kaNkulunkulu.
UMasipala waleli dolobha ubulokhu uhlambalaza izikhungo ezikweleta ugesi kodwa into abayibhale ku-Twitter wabo ihlekisa uMzansi.
“Qinisekani ukuthi okweshumi neminikelo yenu kuyafika e-@CityTshwane ukuze nigweme ukukhonza ebumnyameni,” kusho uMasipala waleli dolobha ku-Twitter.
Umkhandlu usuzakhela udumo ngokuzenza inhlekisa njengezikhangiso zase-Nandos ezihlanganisa abantu baseNingizimu Afrika kuwo wonke ama-tweet abo.
Omunye osebenzisa i-Twitter uthe: “Bangikhumbuza abakwa-Nando’s kwesinye isikhathi.”
Umkhandlu umemezele ngesonto eledlule ukuthi ukucisha ugesi emabhizinisini amaningana kube into yokugcina abakade bengafisi ukuyenza – nokuveza ukuthi amabhizinisi angu-47 ahlukene ayabakweleta.
Iziphathimandla zendawo zaseNingizimu Afrika azaziwa ngokugcina izithembiso zazo kodwa kulokhu uMasipala waleli dolobha usifezile isithembiso sesiqubolo esithi-#TshwaneYaTima.
NgoLwesithathu, isiteshi sesitimela i-Gautrain e-Hatfield sacishelwa ugesi ngenxa yesikweletu sika-R10 million.
Igaraji likaphethiloli i-Engen, isonto lendawo, umtholampilo wezilwane nazo lezi zindawo zicishelwe ugesi.
NgoLwesibili uMasipala waleli dolobha ububhekise kumakheli okuhlala abantu kodwa abazange babhale ku-Twitter ukuthi banqamule izintambo ngenxa yezizathu zokuphepha.
Isihlava sokunqanyulwa kukagesi kuleli dolobha sizoqhubeka, njengoba abantu abaningi baseNingizimu Afrika balinde umbiko olandelayo ku-Twitter wokunqanyulwa kukaagesi ekhasini elisemthethweni lomkhandlu.
Umthombo wesithombe: @CityTshwane