Owase-Tshwane usukhokhelwe u-R500 million emalini oyikweletwayo

Dylan Bettencourt

Umkhankaso kaMasipala wase-Tshwane othi #TshwaneYaTima uthela izithelo ezinhle kumasipala.

Ngokusho kwemibiko, umasipala usukwazile ukuqoqa imali engu-R500 million ebikweletwa ngamabhizinisi amakhulu nezikhungo zikahulumeni.

Emasontweni amabili edlule umasipala uqale ukunqamula izinsiza zamanzi nogesi kulabo abangazikhokhanga izikweletu zabo. Waphinde wabahlambalaza ezinkundleni zokuxhumana.

Izikweletu ezingakakhokhwa zifinyelela ku-R17 billion, ngakho-ke u-R500 million otholwe uMasipala ufana nento engekho. Kusasele omunye u-R16.5 billion okumele ukhokhwe.

Izikhulu zikamasipala zinqamule ugesi namanzi ezakhiweni zikahulumeni, amahhotela, izakhiwo zezentengiselwano, lapho okuhlala khona abantu kanye nasemasontweni imbala.

IMeya yase-Tshwane uRandall Williams uthe akekho umuntu okweletayo ozokhishwa emkhankasweni wabo wokubuyisela imali kamasipala.

“Lesi sibalo sihlanganisa u-R1.3 billion okweletwa iminyango namanxusa kahulumeni, u-R4 billion wosomabhizinisi base-Tshwane no-R8 billion obuyiswe ngabahlali,” kusho uWilliams.

Kulindeleke ukuthi le ndlela yokuqoqa isikweletu ibe yinto entsha eyejwayelekile kuMasipala wase-Tshwane, ngokusho kukaPeter Sutton, oyilungu lezezimali lekomidi lemeya likamasipala.

“Inhloso yethu ukubuyisela isiko lokukhokhela izinsiza ezikhishelwa umphakathi,” usho kanje.

Kuleli sonto umasipala unqamule ugesi namanzi kwamanye amabhilidi, okuhlanganisa noMnyango wezeMpilo kuzwelonke okweleta umasipala u-R7.4 million.

Indawo kanokusho yase-Silver Lakes nayo iye yanqanyulelwa izinsiza ngenxa yesikweletu sabo sika-R25 million.

UMasipala wase-Tshwane uphinde wabuyisela i-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) ugesi namanzi ngemuva kokuthi ikhokhe isikweletu sayo sika-R16 million.

UMasipala waseGoli, okweletwa imali ebalelwa ku-R7 billion okufanele ikhokhelwe yona, kubukeka sengathi ucabanga ukusebenzisa indlela efanayo.

Ngesikhathi umasipala uvakashela enxanxatheleni yezitolo i-Sandton City, ekweleta umasipala u-R158 million, uMasipala waseGoli, ubone inxanxathela yezitolo ikhokha imali abayikweletayo ngaphambi kokuthi banqamule ugesi namanzi.

Izinyathelo ezithathwe uMasipala wase-Tshwane ukuthi unqamule izinsiza emabhizinisi angaphezu kuka-400 neminyango kahulumeni ngesonto elilodwa – kungaba yinto ezokwenzeka kubahlali baseGoli emasontweni azayo.

Umthombo wesithombe: @Tshwane_Mayor

Scrolla World Cup Quiz