Dylan Bettencourt
Ophakamisa izinsimbi wase-Nigeria uRafiatu Lawal useqophe umlando kuma-Commonwealth Games endleleni yakhe yokuwina indondo yegolide esigabeni sabesifazane sika-59kg.
ULawal (25) uphakamise u-206kg emdlalweni we-snatch and clean jerk.
Uthe abazali bakhe bazoziqhenya kakhulu ngaye ngokungagcini nje ngokuwina indondo yegolide kodwa nangokwephula irekhodi elisha.
“Bahlezi beziqhenya ngami, kodwa ngicabanga ukuthi manje abazali bami bazoziqhenya kakhulu kunakuqala,” etshela i-BBC Sport.
ULawal ungumpetha wamanje wase-Afrika wokuphakamisa izinsimbi ngemuva kokuwina izindondo zegolide kuyo yomibili imidlalo yase-Afrika wango-2019 kanye nowe-African Weightlifting Championships nyakenye.
Yize engumpetha wase-Afrika, uLawal uthe ukwephula irekhodi eNgilandi kumumangazile.
“Bengingazi nokuthi ngephule irekhodi. Bengigxile ekuwineni indondo yegolide,” engeza.
“Ukuzwa abalandeli base-Nigeria esixukwini kungisize kakhulu. Bekungasikho okokuqala ngibhekana nabalandeli abaningi kodwa ukwesekwa kungehlise umoya ngempela. Bengingalindele ukuwina igolide kodwa uNkulunkulu ungenzelile lokho.”
Impumelelo kaLawal e-Birmingham iza njengesibani esikhanyayo ohambweni lwase-Nigeria lokuphakamisa izinsimbi kule mincintiswano.
I-Nigeria inomlando wokwephula umthetho wokusetshenziswa kwezidakamizwa kule mincintiswano njengoba i-Nigerian Weightlifting Federation yamiswa ngo-2001 ngenxa yokwephulwa kwale mithetho.
UChika Amalaha (16) waphucwa indondo yegolide ngo-2014 ngemuva kokuthi atholakale enezidakamizwa egazini.
Kwalandela u-Amalaha, omisiwe kuze kube ngo-2027, abaphakamisa izinsimbi uBlessed Udoh, u-Elizabeth Onuah kanye no-Balikis Otunla nabo bamiswe isikhathi eside ngenxa yokwephula le mithetho.
Umthombo wesithombe: @PresentNigeria