Lubhalwe nguThathe Msimango
Umgijimi wase-Ethiopia u-Yalemzerf Yehualaw ukhombise ukuzimisela okukhulu njengoba enqobe umjaho we-Run Your City 10 km eThekwini.
Ugijime isikhathi esingu-30:46 ukuze anqobe umjaho obushubile futhi kunomoya oshisayo ukuze abeke isikhathi esishesha kunazo zonke ezake zaba khona kuleli ngeSonto ekuseni.
U-Docus Ajok wase-Kenya uphume endaweni yesibili kwathi u-Stella Chesang wase-Uganda waphuma endaweni yesithathu enkundleni ebigcwele abagijimi bamazwe ngamazwe.
UYehualaw(23) uphethe irekhodi lomhlaba lesikhathi esingu-29:14 alithola emjahweni owawuse-Valencia ngonyaka odlule. Uphinde wanqoba i-London Marathon yangonyaka ka-2022.
EThekwini, uYehualaw ukhombise ukuthi ungcono kakhulu, egijima u-6 km eyedwa. Uthe bekuwumjaho ohlelwe kahle futhi uyawuthanda umjaho wakuleli.
“Kube intokozo ukunqoba lo mjaho ikakhulukazi njengoba kuwumjaho wami wokuqala kuleli.
Emjahweni wabesilisa, abakuleli benze konke okusemandleni ukuqeda ishobolo ngesikhathi uKabelo Seboko egila izimanga enqoba umjaho ngesikhathi esingu-27:56.
Khonamanjalo, umgijimi wakuleli uStephen Mokoka ukhale ngaphansi ngesikhathi esala ngemizuzu engu-28 okokuqala ngqa ekhaya wagajima isikhathi esingu-27:59 waphuma endaweni yesithathu eqeda kanye kanye noThabang Mosiako.
Kuqoshwe umlando: bekungokokuqala ngqa ukuthi abasubathi abathathu bakuleli baqede ngaphansi kwemizuzu engu-28 emjahweni obubanjelwe kuleli.
Isithombe esingenhla: UYalemzerf Yehualaw
Umthombo wesithombe: London Marathon Twitter