Dylan Bettencourt
ULetesenbet Gidey wase-Ethiopia uwine isicoco se-track yakhe yokuqala kwi-World Athletics Championships kumqhudelwano ka-10,000m.
Njengoba bese kusele u-100m futhi sekusondele umugqa wokuqeda uGidey ubehamba phambili, kodwa emuzwa uSifan Hassan emlandela ehlombe lakhe.
Ngo-2019 uGidey wahlulwa nguHassan emqhudelwaneni ofanayo kuma-olimpiki ase-Tokyo nyakenye.
Kodwa kulokhu uGidey oneminyaka engu-24 ubudala ubezimisele kakhulu.
UGidey ubezimisele ukufakazela ukuthi unakho okudingekayo ukuze ahlule imbangi yakhe futhi ilokho okumenze wanqoba. Ngemuva kweminyaka ezama ukudlula uHassan uGidey kugcine sekuyena ohamba phambili uHassan esele emuva.
Ukunqoba kukaGidey kuholele ekutheni ahlomule ngendondo yakhe yokuqala yegolide emhlabeni wonke ayithole ngesikhathi esingu-30:09:94.
Emqhudelwaneni wamanqamu ka-10 000m kuphumelele i-Afrika njengoba uJoshua Cheptegei ebuye nesicoco sakhe.
UCheptegei wawina indondo yesiliva kulo mqhudelwano owawuse-Tokyo nyakenye, kodwa ubezimisele ngokuqinisekisa ukuthi uyasibuyisa isicoco sakhe kumqhudelwano obuse-Oregon eMelika.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala owaqala ukubonakala ngo-2015, amehlo akhe ebheke ukuthatha isicoco sika-5 000m.
Lo mdlali odabuka e-Uganda kudingeke ukuthi azibambele mathupha uma efuna ukuba umpetha futhi lokho ukwenze ngokukhulu ukuzimisela ngaphandle kokunanaza.
“Bengingahlosile ukugijima ngenxa yokushisa kwelanga ebelinamandla, kodwa ngikwazile ukuqina ngamelana nalo ngagijima ngokushesha,” kusho uJoshua.
Umthombo wesithombe: @Reuters