Owase-Ekurhuleni ubungaze umfundi owenze kahle kamatikuletsheni 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ukusindwa umthwalo womsebenzi kamatikuletsheni ngemuva kokweqa ibanga likaGrade-11 kanye nengcindezi yokuthola o-distinction abayisikhombisa akuzange kuvimbe uJuan Miyambo ukuba athweswe isicoco sokuba umfundi ophumelele kunabo bonke Ekurhuleni.

Lo mfundi (17) wasesikoleni samabanga aphezulu i-Lesiba, e-Daveyton ungomunye wabafundi abangu-30 kulo masipala abahlonishwe iMeya yase-Ekurhuleni uSivuyile Ngodwana ngoLwesithathu.

UJuan uthole o-distinction abayisikhombisa: u-98% kwi-Mathematics, u-97% kwi-Agricultural Science, u-90% kwi-Life Orientation, u-89% kwi-Life Sciences, u-86% kwi-Physical Science, u-86% kwisiNgisi kanye no-82% kuLimi Lwasekhaya lwesiXhitsonga.

Wakhushulelwa ebangeni leshumi wase efinyelela kumatikuletsheni ngemuva kokuba isikole sakhe sibona ukusebenza kahle kwakhe ezifundweni zakhe.

Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uJuan uthe nakuba ayemanqika ngokuthatha isicelo sokweqa ibanga, isikole nabazali bakhe bathembisa ukumeseka.

“Bengingaphansi kwengcindezi njengoba bekufanele ngibambe ezinye zezinto engizifunde ebangeni lesi-11 ngesikhathi ngilinganisa umthwalo kumatikuletsheni. Bengihlezi ngifunda ekilasini kuze kube ihora lesithupha ntambama kanti ngesikhathi sami sokuphumula ngangifunda amaphepha ezivivinyo ezedlule.

“Kwaba nezikhathi phakathi nonyaka, ikakhulukazi ngesikhathi sezivivinyo zokuqala lapho engangizizwa ngingakwazi ukubhekana nesimo futhi ngikulungele ukuyeka,” usho kanje. 

Amamaki akhe ehla esuka ko-distinctions abayisithupha afinyelela kwabahlanu ezivivinyweni zokuqala nokuyinto eyamphoqa ukuthi enze umzamo omkhulu emsebenzini wakhe wesikole.

Ekhuthaza abafunda umatikuletsheni kulo nyaka, uJuan uthe kufanele bangashintshi futhi baziphathe kahle phakathi nonyaka baphinde bagxile ekuthuthukiseni amamaki abo ukudlula awasigama esedlule.

Njengamanje ubhalise enyuvesi yase-Wits wenza iziqu ze-actuary science.

UNgodwana uthe lo masipala uyaziqhenya ngabafundi bakamatikuletsheni futhi ubungaza abafundi abaphume phambili ngokwenza kahle kakhulu.

Imeya ithe nakuba umfundaze wase-Ekurhuleni wamiswa kusukela ngo-2020, umkhandlu usacubungula ukuthi uzowubuyisa yini.

“Siyakuqonda ukuthi bakhona abafundi base-Ekurhuleni abadinga ukuxhaswa ngemali. Okwamanje sixhasa labo abangena ohlelweni kusukela ngo-2016,” esho.

Esithombeni esingenhla: Ingcweti kamatikuletsheni uJuan Miyambo.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva