Owase-Benin uthengisa impahla yembangi yakhe

Dylan Bettencourt

UMengameli wase-Benin uPatrice Talon ufake endalini impahla kalowo owayeyimbangi yakhe kwezombusazwe uSebastien Ajavon osekudingisweni e-France.

Izinto phakathi kwezingu-140 ezisohlwini oludayiswa uhulumeni wase-Benin zihlanganisa i-Rolls-Royce Phantom, ipiano, iphrinta ye-HP laserjet, umshini wekhofi, i-microwave nomabonakude we-Samsung.

Lezi zinto zivezwe oqwembeni lokwahlulela loMnyango wezeZimali edolobheni elikhulukazi lase-Benin, i-Cotonou.

Kuthiwa isamba semali yazo zonke lezi zimpahla sifinyelele ku-R2.6 million, kanti i-Rolls-Royce yenza u-R2 million waleyo mali.

Iningi lalezi zinto sezidayisiwe, kusho uhulumeni wendawo.

Imibiko iveza ukuthi kungenzeka ukuthi le moto kanokusho iye kuMengameli uqobo.

Ngo-1990 i-Benin yashicilela indaba yempumelelo yentando yeningi kanti lesi sizwe sivame ukubonwa njengesizwe esinokuthula esinesiko lezombusazwe elinempilo.

Kodwa-ke, selokhu kwakhethwa uTalon ngo-2016 kuthiwa konke lokho kushintshile. UTalon owake waba inkosi ye-cotton-gin uhlose ukuqinisa amandla akhe kanti izimbangi zithi unyathele intando yeningi futhi lokho kuholele ekwandeni kodlame.

Ukhetho lwezomthetho lwango-2019 lwaphazanyiswa ukubulawa kwababhikishi abane izikhulu zezokuphepha.

UTalon kanye nembangi yakhe u-Ajavon kade baxabana hhayi nje kuphela kwezepolitiki kodwa nasebhizinisini.

U-Ajavon wayeyindoda yesibili ecebe kakhulu e-Benin, wayezuza ingcebo ngokungenisa izinkukhu kuleliyazwe. Ubuye abe neziteshi eziningi zakumabonakude kanye nezomsakazo.

Ingxabano yabo kwezombusazwe yaba ngeyesikhashana ngemuva kokuthi uTalon aphumelele ukuwina ukhetho ngo-2016. U-Ajavon waboshwa ephethe u-18kg we-cocaine ebhokisini lempahla eyayihanjiswa kwenye yezinkampani zakhe eziningi.

Ukulahlwa kwakhe icala kwanqunywa iNkantolo yase-Afrika yamaLungelo Abantu, kodwa u-Ajavon wabalekela e-France.

Usahlala e-France ngoba usenikezwe eminye imikhawulo eminingi yasejele njengoba engekho.

Umthombo wesithombe: @LeMonde

Izihloko zakamuva