Dylan Bettencourt
UBose Omolayo wase-Nigeria ubechitha izinsuku zakhe egeza amakhanda aphinde alungise izinwele kwaze kwaba ngolunye usuku bemucebisa ngokuthi angenele ezemidlalo.
U-Omolayo wayengazi lutho ngokuphathelene nezemidlalo, kodwa ikhasimende labona amandla kuye futhi kwakwikhasimende lakhe lokuqala elamucebisa ngalokhu.
Ngesikhathi eneminyaka engu-12 ubudala wangenwa uvendle wakhubazeka kusukela okhalweni kwehle kuye ezansi.
Lokho okwaholela ekutheni ahlukunyezwe emndeninj njengengane engazalwa khona.
“Babetshela umama ukuthi angilahle,” kusho u-Omolayo etshela i-BBC Sport Africa.
“Abantu baqala ukungibukela phansi. Umndeni wami wawungibheka njengomuntu ongasoze waphumelela umuntu ongakwazi ukuthola abantwana futhi ongashadile.”
Ngenxa yalokho u-Omolayo wahamba ekhaya eneminyaka engu-15 wasiyeka isikole waqala ukufuna umsebenzi. Ngo-2007 waqala ukulungisa abantu amakhanda.
Ngolunye usuku elinye lamakhasimende lakhe, umqeqeshi ophakamisa izinsimbi lamkhuthaza ukuba angenele lo mdlalo,kodwa waqale wakushaya indiva lokho.
“Kunowesilisa owafika endaweni yami yokwenza izinwele ezongicebisa ukuthi ngijoyine i-para-powerlifting,” kusho u-Omolayo.
Ekugcineni ngavuma. “Wangicela ukuba ngimlandele siye enkundleni yezemidlalo ngiyozibonela ngawami amehlo izinto ezenziwa khona.”
Lolu usuku olwangivula amehlo: “kwangijabulisa ukubona abantu abafana nami khona. Ngababona ababequbula izinsimbi ngase ngizitshela ukuthi nami ngingakwenza lokhu.”
Lo wesilisa oneminyaka engu-33 ubudala wangenela lo mdlalo futhi emdlalweni wakhe wokuqala wamazwe ngamazwe wathola indondo yesiliva kuma-Commonwealth Games ngo-2014.
U-Omolayo waqaka waba umpetha ebanga indondo yegolide esigabeni esingaphansi kuka-79 kg kuma-Paralympics e-Rio ngo-2016. Wasivikela ngempumelelo isicoco sakhe e-Tokyo nyakenye.
NgoZibandlela odlule wabhala igama lakhe emabhukwini omlando, eqopha umlando ngokuphakamisa u-144 kg ngesikhathi se-World Para Powerlifting Championships.
U-Omolayo usenqobe ubunzima empilweni yakhe. Watshelwa ukuthi wayengeke abe nabantwana futhi wayengeke ashade.
Manje ungunkosikazi womfundisi futhi ungunina wezingane ezintathu.
“Sengizakhele umuzi ngaphinde ngakhele umyeni wami isonto ngemali engiyenza ngalo mdlalo.”
U-Omolayo uphinde wavuselela ubudlelwano bakhe nabazali bakhe noma babemuhlukumeza phambilini.
“Umndeni wami owangilahla usujabule ngami futhi ususondelene nami manje,” kusho lo msubathi.
Umthombo wesithombe: @InsideTheGames