OwamaProteas ungase uphazanyiswe isimo sezulu esibi

Lubhalwe nguLucky Maree

“Umoya onamandla uyancipha kancane kancane, kodwa liguqubele kakhulu kanti amathuba emvula aphezulu ngo-70%, kanjalo namathuba okuduma kwezulu aphansi ngephesenti elilodwa.”

Lesi isibikezelo salaba ababhekelela isimo sezulu  sase-Sydney e-Australia sangoLwesine futhi ngoLwesihlanu amathuba emvula makhulu kakhulu.

Njengoba kunomdlalo amathuba okuthi amaProteas anqobe mancane kakhulu njengoba kubikwa imvula enamandla ehamba nomoya. Amazulu kuphela angasindisa amaProteas manje.

Uma ungumlandeli we-Aussie uzobe uthandazela ukuthi imvula idedele ngokwanele ezinsukwini ezintathu ezizayo ukuze abashaya ibhola base-Aussie baqhubekw nokuhlasela  abadlali bakuleli abaphosa ibhola. Kubadlali abahlanu bokuqala abashaya ibhola base-Aussie ukaputeni kuphela uDavid Warner ohlulekile ngokushaya ama-run ayishumi. Phakathi kwamane alandelayo bathole amaphuzu amakhulu amabili kanye namashumi amahlanu  kuze kube manje.

Ngasekupheleni komdlalo u-Usman Khawaja ubesele ngama-run amahlanu kuphela ku-double century futhi akukho okukhombisa ukuthi ngeke awathole amanye ama-runs uma enethuba lokuphuma phakathi futhi. UTravis Head umangalise abalandeli ngama-overs awenzile njengoba eshaye ama-runs angu-70 emabholeni angu-59.

Kuthiwa ukholo lweqiniso luphindaphinda isenzo esifanayo ngethemba lomphumela ohlukile. Ukwenza kahle kwamaProteas kubukeka kuqinisekisa leso sisho sakudala njengoba bebekhipha amawikhethi elandelana bebhekene ne-Aussie.

Ukukhandleka izinsuku ezimbili ngaphandle komvuzo omningi kunzima kunoma yimuphi umdlali, kodwa into ejwayelekile  emdlalweni wekhilikithi ukuhlala unethemba noma ubhekene nezimo ezinzima yilokho abadlali bekhilikithi bamazwe ngamazwe okufanele bakwenze.

U-Anrich Nortje uyena yedwa umdlali okhombise isibindi. Uhlezi enomfutho futhi elindele ukuthola iwikhethi ngawo wonke amabhola. UMarco Jansen unomoya ophansi ngisho enosuku oluhle kunzima ukulinganisa isimo sakhe sengqondo.

Kodwa-ke abanye abantu bakuleli kubukeka sengathi nabo babhekene nento eyodwa.

Ukulwela ukunqoba kuwumongo wezemidlalo. Ukunikezela ngayo yonke into noma ngabe konke  sekubhuntshilekufana nokuba ngumuntu othembekile. Abalandeli bezemidlalo abathandi ukuthi amaqembu abo ahlulwe, kodwa futhi abakuthandi ukubona amaqembu abo ephonsa ithawula.

AmaProteas vele asehluliwe kulolu chungechunge lomdlalo futhi ngokusobala i-Aussies kuphela enethuba lokuwina umdlalo, kodwa kuningi okusengcupheni lapha.

Ngabe amaProteas azokhuphula amasokisi asikhombise okuhlukile ezinsukwini ezintathu ezizayo? elakuleli likubhekile lokho.

I-Australia inamaphuzu angu-475 (4).

Abadlali abashaya ibhola abaphezulu be-Aus: Usman Khawaja (195) ongaphumanga noSteven Smith (104). 

Abathole amawikhethi kuleli: uAnrich Nortje (2), uKagiso Rabada noKeshav Maharaj.

Isithombe esingenhla: Ngumlandeli wekhilikithi wase-Aussie onethemba lokukhanya kwelanga

Umthombo wesithombe: Getty Images

Izihloko zakamuva