Kamogelo Olaitan
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele uyathinteka odabeni lwamathenda eNdebe yoMhlaba ye-Fifa yango-2010 eyadla izigidi zamarandi.
IPhini likaKhomishana wamaphoyisa osamisiwe uFrancinah Vuma wethule ubufakazi obuveza ukuthi uCele waba nesandla ehlazweni lezindawo zokuhlala, kubika i-City Press.
Umbhalo onamakhasi angu-22, wangomhla ziyisikhombisa kuNhlangulana ngo-2010, owasayinwa uCele ugunyaza imali engu-R47-million yamaphoyisa ezosetshenziswa ukuze kutholakale indawo yokuhlala nokudla kwamaphoyisa akwa-SAPS ayejutshwe ngesikhathi seNdebe yoMhlaba.
Kuthiwa usomabhizinisi waseThekwini ongundabamlonyeni uThoshan Panday ongumnikazi we-Pendleburys Guest Suites ne-Resorts and Gold Coast Trading waqokwa ngaphandle kokuthi kulandelwe uhlelo kokukhetha ohlwini lwamathenda.
“Kuphakanyiswa ukuthi kugunyazwe imvume yokwamukela amakhotheshini avela kubanikeli bemisebenzi ababalulwe ngenhla ukuze kuhlinzekwe amalungu ombutho wamaPhoyisa akuleli ngendawo yokuhlala nokudla kwiNdebe yoMhlaba yango-2010 KwaZulu-Natal,” kufundeka lo mbhalo.
UPanday, umama wakhe, unkosikazi wakhe kanye nabanye abantu abayisithupha baboshwa ngoMfumfu ngo-2020 mayelana nethenda. Bangaphandle ngebheyili kanti babhekene namacala okukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokushushumbisa imali.
Abanye abasolwa noPanday kubalwa owayenguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMmamonnye Ngobeni kanye nababengamaphoyisa uNavin Madhoe kanye no-Aswin Narainpershad.
Kulo mqulu, uVuma uthe wabizwa i-Directorate for Priority Crime Investigation (oKlebe).
“Ngingufakazi oqanda ikhanda kulolu phenyo. Incwadi yasenkantolo yayidinga ukuthi nginikeze amaphepha adingekayo ngaphambi komhlaka-20 kuNhlangulana kulo nyaka, uma kungenzeki lokho bekumele ngivele enkantolo eqokiwe ngomhlaka-24 kuNhlangulana kulo nyaka ngichaze ukuthi kungani ngingasebenzisani nophenyo,” kusho yena encwadini yomhla ziyisithupha kuNtulikazi.
Ngenxa yalokhu, ngabhalela uMphathi woKlebe kazwelonke “ngadalula kuye ngophenyo engisebenza kulo”.
Ngo-2011 owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela wathola ukuthi uCele wenza okuphambene nomthetho ekuthengeni amabhilidi amabili okuqashisa kwelomkhulu lamaphoyisa abiza isamba sika-R1.6-billion.
UCele wamiswa emsebenzini uMnuz Jacob Zuma owayengumengameli ngaleso sikhathi ngokuhamba kwesikhathi waxoshwa.