OwamaBhokobhoko uxoxa ngokukhula kwakhe

UCheslin Kolbe, owadla umhlanganiso kwiNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo edlalela elakuleli amahlandla amabili uchaze ngolwazi lwakhe ngokukhula phakathi nodlame lwamaqembu ezigelekeqe e-Cape Flats.

Ngesikhathi ekhuluma ne-The Guardian, ukhumbule ngesikhathi ebona kudutshulwa kubulawa umngani wakhe ngesihluku ngaphambi nje kokuwina indondo yakhe yokuqala yeNdebe yoMhlaba ngo-2019. Naphezu kwalokhu kuhlukumezeka, uKolbe ukhulile waba ngomunye wabadlali abahamba phambili bebhola lombhoxo.

Uhambo lukaKolbe olusuka endaweni yase-Kraaifontein empofu luya empumelelweni yombhoxo womhlaba luwubufakazi bamandla akhe.

Engxoxweni, lo mdlali (30) ugcizelele amandla ezemidlalo okukhuthaza ithemba, okugqanyiswe ukwamukelwa amaBhokobhoko akuthola ngemuva kokunqoba kwawo iNdebe yoMhlaba nyakenye.

“Sibone izinto ezingakholakali … konke ukumamatheka ebusweni babantu. Kusukela kwabancane kuye kwabadala, ibhola lombhoxo liletha injabulo enkulu kuleli. Kithina njengabadlali, ukuba nomthelela futhi lezo zinkumbulo zizohlala unomphela,” kusho uKolbe.

“INdebe yoMhlaba yenzeka kuphela ngemuva kweminyaka emine ngakho-ke sinesibopho sokusebenzisa inkundla yethu ukuze kube nethemba nogqozi nsuku zonke.”

Ecabanga ngendlela akhuliswe ngayo, uKolbe ukhulume ngokuthi udlame lwamaqembu ezigelekeqe kanye nokuba sengcupheni yokulimala kwaba yinto evamile kanjani.

Lezi zinto, nakuba zisabisa, zamenza wama futhi zamgqugquzela ukuzibophezela kwakhe ekubuyiseleni emphakathini wangakubo.

“Noma yinini uma ngisekhaya, ngizama ukuchitha isikhathi ngokubuyisela emphakathini. Ngiyethemba ukuthi ngenhlangano esiyisungulayo mina nomkami singenza okuningi,” esho.

Udaba lukaKolbe luthinta nezinselelo abhekane nazo ngenxa yezinga lakhe ebholeni lombhoxo, kuthiwe mncane kakhulu ukuthi angaphumelela.

Ukuthuthela kwakhe e-France ngo-2017 kwabonisa ushintsho, olumkunikeza ukwamukelwa kanye nethuba lokufakazela ikhono lakhe.

Namuhla, uKolbe udlalela i-Tokyo Sungoliath ibhola lombhoxo elikhokhelwayo kwi-Japan Rugby League One futhi ulinganisa umsebenzi wakhe nemizamo yokweseka izwe lakubo.

Ukhulume ngokuvakashela kwakhe e-Cape Flats uma ebuya kuleli: “Uma ngikwazi ukufinyelela, ngikhulume futhi ngiguqule impilo yomuntu oyedwa akuyona nje impumelelo eyenza usuku lwami lube lula kodwa ingathinta nabanye abaningi. Kufanele siqhubeke nokuzama ukusiza.”

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UCheslin Kolbe.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva