Menzi Magubane
Lowo owayengumdlali wasemuva weBafana Bafana ophinde abe ngukaputeni uThulani “Tyson” Hlatshwayo kunemibiko ethi uphelelwa indawo kumaBhakabhaka.
Lo mdlali (32), ujoyine amaBhakabhaka ngenkontileka yeminyaka emithathu ekuqaleni kwesizini edlule esuka ku-Bidvest Wits engasekho.
Lo mdlali wasemuva ngaleso sikhathi wathi ukujoyina amaBhakabhaka kwakuwukufezeka kwephupho lakhe njengoba ekhule eseka leli qembu lase-Soweto, kodwa umsebenzi wakhe lapho kuze kube yimanje uveza izinto eziphoxayo.
Ngesizini yakhe yokuqala wathenjwa ngebhande likakaputeni ngumqeqeshi wangaleso sikhathi uJosef Zinnbauer. Ezinsukwini zakhe zokuqala, uHlatshwayo wenza lokho okwakulindelekile waphinde wasiza amaBhakabhaka ukuthi awine isicoco se-MTN8 ngoZibandlela wango-2020.
Kodwa ngemuva kokuphakamisa isicoco se-MTN8 izinhlanhla zakhe zashintsha futhi akabange esaba idwala elivikelayo uZinnbauer ayelethemba.
Amaphutha akhe alahlekisela amaBhakabhaka ngamaphuzu emidlalweni emqoka nokuholele ekutheni abalandeli beqembu bamjikele bathi ukaputeni weqembu uHappy Jele ubengumdlali wasemuva ongcono kunaye.
Ngesikhathi uZinnbauer eshiya amaBhakabhaka ekuqaleni kwesizini uHlatshwayo naye uye walahlekelwa isikhathi sakhe ngaphansi kwabaqeqeshi uMandla Ncikazi kanye noFadlu Davids. Kule sizini usadlale imidlalo eyishumi kuphela nakuyo yonke imiqhudelwano njengoba egawulwe yizembe.
Kuyaqondakala ukuthi abaphathi beqembu abasamfuni uHlatshwayo. Ngokusho komthombo osondelene neqembu, abaphathi bazimisele ukulalela noma yisiphi isicelo esimfunayo esikhona.
“Iqembu lifuna umdlali wasemuva oqinile we-Golden Arrows uNkosinathi Sibisi njengoba bezokhuluma neqembu, bathembise ngesivumelwano sokushintshisana ngoHlatshwayo. Kodwa kuzoncika kuSibisi njengoba kubonakala sengathi i-Sundowns nayo izimisele ngokumthatha,” kusho umthombo utshela i-Scrolla.Afrika.
Khonamanjalo, omunye umdlali okubukeka sengathi amaBhakabhaka afuna ukumkhulula ngumdlali wasesiswini uNkanyiso Zungu. Ukuboshwa kwakhe ngamacala odlame lwasekhaya nokuziphatha kwakhe ngaphandle kwenkundla kwenze amaBhakabhaka adinwa. Amazulu asesichithile isicelo samaBhakabhaka sokuboleka uZungu ngesizini ezayo.
Umthombo wesithombe: @TheCitizen