Owama-Idols uzonandisa emcimbini wowokholo

Lubhalwe nguLinda Ximba

Owaphuma endaweni yesibili emncintiswaneni wama-Idols uNozi Sibiya uthi ujabulile kodwa futhi unovalo ngokucula kuma-Awards omculo wokholo ngeSonto.

Umculi waseMlazi wazakhela uthando kubabukeli abaningi ngesikhathi somncintiswano ngesikhathi ecula iculo likaJennifer Hudson elithi”Giving myself”.

Uzobe eqala ukucula phambi kwabantu bangakubo eNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini.

“Kade ngangilifuna ithuba lokudlulisa ukubonga kwami kubantu baseKZN ngokungikhombisa uthando ngesikhathi somncintiswano. Ngibonga abahleli bama-Awards omculo wokholo ngokunginika ithuba lokuthi ngisebenzise isiteji esisodwa nabaculi abamnkantshubomvu kule ndima,” esho.

“Nginovalo kodwa futhi ngiyajabula. Umuzwa ongachazeki futhi sengithembe uNkulunkulu ukuthi angiphe amandla okuthi ngenze ezibukwayo esiteji.”

Ngokuduma kwakhe kwesikhashana, uNozi uthi ufuna ukuthatha wonke amathuba aqhamukayo.

“Njengoba ngithanda ubuciko bokudlala ngiyakwazi ukwenza noma yini okuthiwa angiyenze. Okwamanje ngizogxila ekukhipheni ingoma yami bese kuthi ekuhambeni kwesikhathi ngiqale ngibheke amathuba okulingisa,” esho.

Uthe ubesanda kuhlolwa ikhono kwi “Clash of the Choirs” yesizini yesithathu.

“Akekho owaziyo ukuthi ngike ngasebenza njengesekela lomculi labaculi abaqavile njengoDumi Mkokstad, uKelly Khumalo, uKhaya Mthethwa kanye noNaima Kay. Kukhulu engikufundile kubona futhi ngicabanga ukuthi sengikulungele ukuzimela,” kusho uNozi.

Osesithombeni esingenhla: UNozi Sibiya

Umthombo wesithombe: @Idols

Scrolla World Cup Quiz