Owalahlekelwa umsebenzi nesinqumo sokuhlanza indawo yangakubo 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UMpendulo Ncubekazi waphelelwa umsebenzi ngesikhathi kubhebhetheka igciwane le-Covid-19 ngo-2020 kanti nesimo sakhe sengqondo sase siqala ukuphazamiseka. 

Ukuze agweme ukudangala uMpendulo wayazi ukuthi kufanele enze okuthile ukuze azigcine ematasa.

Ngakho-ke waqala ukuhlanza amasimu amakhulu ezindawo zokulahla udoti ezingekho emthethweni endaweni yangakubo e-Delft ilokishi elingaphandle kwaseKapa.

“Izingane bezidlala eduze kwendawo yokulahla udoti futhi lokho bekuyiphula inhliziyo yami. Manje sezikwazi ukudlala ngokukhululeka ngaphandle kokukhathazeka ngokuthola izifo.”

Izinja ezifile namanabukeni asetshenziswayo kwakujwayeleke ukulahlwa ezindaweni zokulahla udoti, kodwa kulo nyaka odlule uMpendulo wasebenza umsebenzi omkhulu ngokususa konke lokho.

Kodwa umsebenzi omuhle kaMpendulo uwenza elandelwa  okwahlulelwa ngamanye amalungu omphakathi. Kunokuba bakubonge ukuhlanzwa kwendawo babuze ukuthi kungani engaze enze into enjena mahhala.

“Kube inselelo enkulu ukwenza lokhu ngempumelelo njengoba amanye amalungu omphakathi engibukela phansi. Babethi akekho umuntu ongahlanza indawo mahhala ngaphandle uma ephazamisekile emqondweni, kodwa ukungigxeka kwabo akuzange kungivimbe.”

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukubona izingane zidlala endaweni yokulahla udoti kwamephula inhliziyo. 

“Lokhu ngikwenzela izingane. Akufanele badlale ezindaweni ezingcolile ingakho ngibuye ngihlanze namabhishi futhi nginxusa imiphakathi ukuthi ibeke impilo yayo phambili ngoba ukulahla udoti kubi kubo nasezinganeni zabo.”

UMpendulo wenze umsebenzi oncomekayo, kodwa akawenzanga eyedwa ngokuphelele. Abanye abadla izidakamizwa bamjoyina, kodwa hhayi mahhala. Babuza ukuthi bangasiza yini ukuze bathole ukudla noma u-R20 ngosuku.

“Ngangingenayo imali khumbula ukuthi ngangingasebenzi. Ngezinye izinsuku ngangibaphekela noma ngibagundeizinwele ngenxa yomsebenzi wabo.”

Kodwa uthi kugcine kuphoqeleke ukuthi abaxoshe ngoba ubengenayo imali yokubaphekela zonke izinsuku.

Ngakho uMpendulo waqhubeka nomkhankaso wakhe wokuhlanza eyedwa manje useqalile ukuhlanza amabhishi.

Ephaketheni lakhe uthenga izikhwama ezimnyama ukuze agcwalise udoti futhi amaloli kadoti e-Kapa ayafika ezoqoqaudoti. Usenxuse uMasipala ukuthi umnikeze oplasitiki abamnyama, kodwa kuze kube imanje akakaze abathole.

Wenze umsebenzi oncomekayo, kodwa kusekude ukuphela futhi unethemba lokuthi omakhelwane bakhe ngelinye ilanga basazomsiza.

“Ngizabalaza kakhulu, kodwa ngeke ngiyeke ukuhlanza izindawo zokulahla udoti ezingekho emthethweni futhi ngiyethemba ukuthi imiphakathi izojoyina ukuze siphile endaweni ehlanzekile.”

Esithombeni esingenhla ngesikaMpendulo Ncubekazi emi endaweni yokulahla udoti engekho emthethweni aqale ukuyihlanza ngo-2020

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva