Owakuleli uvaleleke e-Ukraine

Dylan Bettencourt

UKobus Olivier waya e-Ukraine ngemuva kokuthatha umsebenzi ne-Ukraine Cricket Federation (UCF) ekuthuthukisweni kwekhilikithi eminyakeni embalwa edlule – kodwa ubengakaze acabange ukuthi engazithola evaleleke endaweni enempi.

Njengoba amasosha ase-Russia esondela e-Kyiv, u-Olivier uzithola ezivalele endlini yakhe nezinja zakhe ezine kanye nokudla okuzomgcina inyanga.

U-Olivier, oyisikhulu esiphezulu se-UCF, uthe izinja zakhe yizona ezimgcina ephilile kanye nephupho lakhe lokuthi i-Ukraine ibe yilungu le-International Cricket Council ngoNtulikazi.

“Ngizama ngakho konke enginakho ukubhekana nalesi simo,” etshela i-Reuters.

Samsung Galaxy 14G

“Anginaso isibindi. Ngithukile impela kodwa akukho engingakwenza. Kunjena nje”.

U-Olivier uthe ubale iziqhumane ezingu-19 ngesikhathi ehamba nezinja zakhe ngosuku i-Russia ehlasele ngalo. Kusukela lapho, uye wabeka omatilasi emafasiteleni ukuze avimbele izingilazi eziphahlazekile ukuthi zingangeni efulethini.

Lo mdlali waseNingizimu Afrika uhambe kakhulu futhi wayeyisikhulu sekhilikithi e-Kenya ngaphambi kokuthi athande i-Kyiv eminyakeni emine edlule.

“Sengihambele amazwe angu-38, kodwa i-Kyiv kimina iyisipiliyoni esiyingqayizivele. Ngithanda isiko, umlando, nokudla kwakhona,” esho.

“Ubaba washonela lapha ngakho-ke kunginika ubudlelwano obuqinile ne-Kyiv. Noma yini eyenzekayo namuhla noma kusasa, angeke ngishintshe lutho”.

Ukuhola ka-Olivier kwi-UCF kudale ukuthi kukhule nenani labafundi babangu-15,000 ohlelweni lwayo. Izwe liphinde labasemathubeni okuba yilungu lesigungu esilawula ikhilikithi esizobabona bethola izibonelelo kule nhlangano.

“Kuzoheha uxhaso kuphinde kugqugquzele abantu balapha ukuthi badlale lo mdlalo. Kuzoshintsha umdlalo,” kusho u-Olivier (62), ngeSonto.

Ekhuluma ne-Chiswick Calendar podcast, uthe isimo e-Ukraine sishintsha ngehora.

“Iqiniso wukuthi emahoreni ambalwa alandelayo izinto zizoshintsha ngokuphelele, amasosha ase-Russia anamathangi, azongena e-Kyiv emahoreni ambalwa azayo. Njengoba ngihlezi lapha. Kuzoba yinkinga,” esho.

Umthombo wesithombe: @EmergingCricket

Scrolla World Cup Quiz