
Moyahabo Mabeba
Ngesikhathi uNkateko Muyingane eya edolobheni elisenyakatho nempumalanga ye-Kharkiv e-Ukraine ngo-2017 eyoqhuba izifundo zakhe zobudokotela, wayengalindele ukuthi uzoba phakathi kwamazwe amabili alwayo eminyakeni emihlanu kamuva.
Lo mlisa oneminyaka engu-24 ubudala wase-Tzaneen e-Limpopo uye wathuka kakhulu ngesikhathi evuswa amabhomu nokuqhuma okunamandla ngesikhathi kuqubuka impi ezintatha zangomhlaka-24 kuNhlolanja.
UNkateko uchithe isonto evaleleke edolobheni nabanye abenza izifundo zobudokotela kanye nabaseNingizimu Afrika uCharmaine Mnisi, uKurhula Mushwana kanye noVutlhari Mtonga.
Leli qembu labafundi belifuna ukuphunyuka, futhi belisaba ukuthi ngeke liphinde libabone abathandiweyo babo. Nsuku zonke leli qembu belivika ukuhlaselwa ngamagobolondo ngamasosha ase-Russia azungeze idolobha.
Leli qembu belifisa ukuthola indlela yokufika emngceleni futhi lithole isiphephelo e-Poland, e-Slovakia, e-Romania noma e-Hungary, kodwa alikwazanga ukuphuma ngoba amasosha ayingozi ase-Russia ebelinde onqenqemeni lwedolobha.
“Ukuqhuma kokuqala bekusho ukuqala kwezigameko ezihlasimulisa umzimba kanti wonke umuntu wethuka ngempela futhi bebefuna ukubalekela endaweni ephephile. Sitshelwe ukuthi siphume ezindlini zethu sibhekise amabombo esitimeleni ukuze siphephe,” kusho uNkateko etshela i-Scrolla.Africa, engeza ngokuthi leli qembu likhosele emigwaqeni ehamba ngaphansi komhlaba.
UNkateko uthe ngemuva kwezinsuku ezimbalwa leli qembu liqale ukulahlekelwa ithemba lokuthi liyoke liphunyuke futhi bebezibona sebephelelwe isikhathi.
“Besingasebenzisa usizo olwengeziwe kodwa kusobala ukuthi akekho uhulumeni osilekelelayo,” esho.
UNkateko uthe ngesikhathi ihhovisi lenxusa lingakwazi ukubakhipha, abazali bakhe abangabasebenzi bakahulumeni bakwazile ukumthengela ithikithi lendiza ukuze abuyele ekhaya.
Uye waqonda esikhumulweni sezindiza e-Kharviv waphindela emuva ngoLwesine.
UNkateko, obekubheke ngabomvu ukuthweswa iziqu ekupheleni kwango-2024 e-Kharkiv National Medical University, uthe akanaso isiqiniseko sokuthi uzobuyela e-Ukraine ngemuva kwempi.
“Okwamanje anginaso isiqiniseko sokuthi kufanele ngibuyele khona noma ngiqedele izifundo zami ekhaya. Ukuhlukumezeka engikuthole laphayana akubekezeleleki”.
U-Andre Groenewald, inxusa laseNingizimu Afrika e-Ukraine, uthe ihhovisi belilokhu lixhumana nabantu baseNingizimu Afrika, licela imininingwane yamapasi ukuze libahlelele ama-visa ase-Poland.
“Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukusiza abantu baseNingizimu Afrika abakulesi simo. Sizosiza nabanye abantu base-Afrika abangammelwe muntu,” kusho uGroenewald.
Okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwamaZwe kanye nokuBambisana (iDirco) uClayson Monyela uthe abafundi baphephile futhi banakiwe.