Owakuleli usekhethe ukushiya phansi ukuba umgwedli 

Lubhalwe nguThathe Msimango

UBridgitte Hartley ongumgwedli (canoeist) wakuleli usenqume ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ashiye phansi imidlalo yezikebhe aqhubeke nokuba umqeqeshi ngokugcwele.

Lo wesifazane oneminyaka engu-39 ubudala uqinisekise lezi zindaba engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa. Uthe useyavalelisa emsebenzini wakhe weminyaka engamashumi amabili.

Njengoba ukuba umgwedli kungadumile ezweni, lo wesifazane ubethola uxhaso oluncane futhi ilokhu okwenza abone kunzima kuye ukuthi aqhubeke nokuncintisana.

“Bekungiphatha kabi futhi kungihlukumeza kakhulu ukuthi kumele ngisebenze kanzima ukuze ngihlanganise imali ngikwazi ukungenela imijaho emikhulu. Ngaphezu kwalokho ngidinga ukuncintisana nabasubathi abasezingeni lomhlaba ukuze ngibe sezingeni lokuwina indondo kuma-World Champs noma kuma-Olympics,” kusho uHartley ohlala eMgungundlovu.

UHartley wenze umsebenzi oncomekayo, okuhlanganisa nokuba ngowokuqala wase-Afrika ukuwina indondo yama-Olympics emjahweni ka-K-1 500m ngesikhathi sohlelo lombukiso womhlaba wonke owawuse-London ngo-2012, okuyilapho aphuma khona isithathu.

Uphinde wawina izindondo ezintathu ze-ICF Canoe World Championship. Kanti uphume isibili kuDusi Canoe Marathon yalo nyaka.

“Ngicabanga ukuthi ukuthola indondo kuma-Olympics kuseyimpumelelo enkulu empilweni yami. Leso sikhathi ngizohlezi ngisikhumbula futhi ngizohlezi ngiziqhenya ngokuthi ngimele izwe ngokuhlonishwa esiteji samazwe ngamazwe.”

“Ngibe nezikhathi eziningi ezikhethekile.” Isinyathelo sakhe esilandelayo esokuqeqesha abagwedli e-Maritzburg College.

“Ngigxile ekusizeni intsha ukuthi ibe nekusasa eliqhakazile njengabagibeli bezikebhe. Bengihlala ngifuna ukutshela abantu ngolwazi enginalo futhi ngikholwa ukuthi ngingenza umsebenzi omuhle lapho. Angikabi mncane, ngakho kumele ngenze okuthile ngempilo yami.”

Isithombe esingenhla: UBridgitte Hartley

Umthombo wesithombe: I-Pinecrest

Izihloko zakamuva