Owakuleli uqokelwe ukuyocula kowokugcotshwa kweSilo uCharles

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umculi we-opera wakuleli uPretty Yende uqokwe mathupha iSilo uCharles III ukuthi azocula emcimbini wakhe wokugcotshwa ozobe use-Westminster Abbey ngoNhlaba kulo nyaka.

UCharles noCamilla bazogcotshwa ngoMgqibelo mhla ziyisithupha kuNhlaba emcimbini ozokhombisa ithalente kulo lonke elase-United Kingdom, kuqinisekisa isigodlo sase-Buckingham.

UPretty Yende wasedolobheni elincane i-Piet Retief eMpumalanga uzoba phakathi kwalabo abaqokwe ukuthi bayocula kulo mcimbi.

Lo mculi (37) uzojoyinwa abaculi abafana no-Andrew Lloyd Webber, uPatrick Doyle kanye no-Iain Farrington phakathi kwabanye njengalabo abaqokwe iSilo.

UYende wake wacula kwezinye iziteji ezihamba phambili emhlabeni futhi usanda kuklonyeliswa ngendondo ye-Ceremonial Badge of Honor ngeqhaza lakhe kwezobuciko e-France.

“Kunzima ukubeka ngamazwi ukuthi ngizizwa ngihloniphekile futhi ngibusiseke kangakanani ukuthola isimemo sokucula emcimbini wokugcotshwa kweSilo noNdlunkulu e-Westminster Abbey ngoMgqibelo mhla ziyisithupha kuNhlaba kulo nyaka,” kusho uYende ekhasini lakhe laku-Twitter ngesikhathi ezwakalisa injabulo yakhe.

Esithombeni esingenhla: UPretty Yende

Umthombo wesithombe: @prettyyende

Izihloko zakamuva