Lubhalwe nguThathe Msimango
Umjaho we-Maiden Factor ugcine uphothuliwe ngoLwesine njengoba amatilosi efike eKapa kulandela umqhudelwano othathe inyanga yonke oqale mhla zintathu kuZibandlela e-Dakar, e-Senegal.
Omunye walabo abaphumelele nguVuyisile Jaca wakuleli obeqala ngqa ukubamba iqhaza kulo mjaho.
UJaca useke wangenela umjaho owodwa wasolwandle ngaphambi kwalo obizwa nge-Vasco Da Gama ophakathi kweTheku ne-East London.
Ithimba labesifazane bonke be-Maiden Factor lingenele lo mjaho ngoba lifuna ukuthola imali yokufundisa amantombazane.
Kanti elakuleli beliqoqa izimali ukuze lithumele intombazanyana esikhungweni esidumile sase-Lawhill Maritime Centre eKapa ukuze iqedele esikoleni samabanga aphezulu okuyilapho izothola imfundo ekhethekile yezasolwandle.
UJaca owake wahlomula ngawo lo mjaho esemncane, uthe kuyisimangaliso ukwazi ukuthi uzosiza omunye umuntu.
“Lesi yisikhathi esikhethekile kimi. Okokuqala ngangingakaze ngiphume ngaphandle kwezwe, ngakho ukuba kwindiza kwaba ilapho isasasa liqala khona kanti nomjaho ubumangalisa kusukela ekuqaleni,” etshela i-Scrolla.Africa.
Uthe ukuchitha isikhathi esiningi olwandle yinto abengakaze acabange ukuthi angayenza.
“Engxenyeni yesibili yomjaho bekunomoya olwandle okuyinto engiyithanda kakhulu uma ngihamba ngomkhumbi. Kuyesabeka kancane futhi lokho kukwenza uzibuze ukuthi kungani ngibhalisele lesi senzo esimangalisayo. Umjaho ubumuhle ngokuphelele.”
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-24 ubudala ofundisa ukubhukuda aphinde abe ngumsizi kaseyili kwa-Sail Africa, uthe unethemba lokuthi ukuphumelela kwakhe kuzogqugquzela amantombazane asemancane ikakhulukazi asemalokishini ukuthi ajoyine lo mkhakha.
“Sisalele emuva kakhulu ekuvaleni igebe lokubona amantombazane amnyama ehamba ngomkhumbi,” kusho isakhamuzi saKwaMashu.
Uthe unethemba lokuthi amantombazane amnyama azogqugquzeleka ukufuna ukuhamba ngomkhumbi uma ezwa ngalokho asekuzuzile.
“Ngicabanga ukuthi uma izikole zasemalokishini zikwazi ukufundisa ngokubhukuda sisemathubeni okubona izibalo eziningi zabantu abathanda lo mkhakha. Engikutholile ukuthi abantu abamnyama bayawesaba amanzi.”
Osesithombeni esingenhla: UVuyisile Jaca ekhanda lomkhumbi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe