Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMntwana u-Afrika Zulu okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, usole i-IFP nomsunguli wayo uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngokuba yimbangela yokungabikhona kozinzo kanye nezingxabano eziqhubekayo ebukhosini bakwaZulu.
Engxoxweni abe nayo nesiteshi somsakazo saseKZN, iGagasi FM uMntwana u-Afrika Zulu uthe umnyombo wenkinga ukubandakanyeka kwe-IFP noButhelezi.
Ngokusho koMntwana uZulu, zonke izitatimende zabezindaba ezikhuluma ngeSilo noma ngobukhosini bakwaZulu nezikhishwe undunankulu wakwaZulu empeleni zibhalwe i-IFP.
Uqhube wathi i-IFP yahlela umkhankaso ngenhloso yokuketula Isilo, wenza isibonelo ngezinkulumo ezingenasisekelo zakamuva mayelana nempilo yeSilo.
UMntwana u-Afrika Zulu uthe icebo labo ukuveza iSilo njengomuntu ongafanele ukuphatha isihlalo sobukhosi bese kusungulwe ikomiti lesikhashana elinenhloso yepolitiki elizoziveza njengeNdlunkulu.
Uphinde wadalula namagama abantu okuthiwa baqeqeshelwe ukuqhuba lolu hlelo lwezepolitiki oluvuna i-IFP.
Eziphendulela uButhelezi uveze ukuthi uMntwana u-Afrika Zulu uke waxoshwa esikhundleni sokuba umkhulumeli weSilo.
UButhelezi usole uMntwana uZulu ngokudelela yena nodadewabo kanye nokuhlela uhambo olungagunyaziwe oluya eSwatini ngaphandle kokulandela imigomo efanele.
UMntwana uZulu wenze izinsolo eziningi ngoButhelezi okubalwa nohlelo lokuqinisekisa ukuthi i-IFP iyawina okhethweni lukazwelonke oluzayo ngokusebenzisa ubukhosi njengesikhungo kanye nokulawula ubukhosi.
Imizamo yokuthola okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa ukuze aphawule ayiphumelelanga.
Esithombeni esingenhla: UMntwana u-Afrika Zulu osola i-IFP noMntwana uMangosuthu Buthelezi ngokwakha itulo lokuketula iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe