Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umdlwenguli wezingane owalahlwa yicala uSteven van de Velde uqokwe ukuthi amele i-Netherlands kuma-Olympics e-Paris, kodwa lo mdlali we-volleyball ngeke avunyelwe ukukhuluma nabezindaba.
Ngemuva kokungenami kwamaqembu abameli kanye nakuzo zonke izinkundla zokuxhumana ngokufakwa kwakhe, i-Dutch Olympic Committee (NOC) yenze isinqumo sokuvimba lo mdlali ukuthi akhulume nabezindaba.
Ngemuva kokuwavuma amacala amathathu okudlwengula intombazane eneminyaka engu-12 ubudala, uVan de Velde wadonsa unyaka ejele.
Umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala waqale wagwetshwa iminyaka emine ejele yinkantolo yaseBrithani ngo-2016 ngemva kwamacala akhe ngo-2014 eneminyaka engu-19. Nokho, ukuthuthela kwakhe e-Netherlands kwashintsha isigwebo sakhe.
Ubuyele ekudlaleni i-volleyball ngo-2017 kanti ngenyanga edlule uzithole eseqokelwe eqenjini lama-Olympics eliya e-Paris.
UVan de Velde ngeke ahlale endaweni yabadlala ama-Olympic eduze nozakwabo. Okunalokho, uzobhukhelwa enye indawo yokuhlala.
Okhulumela i-IOC uMark Adams utshele abezindaba ngoMgqibelo ukuthi i-NOC yiyona kuphela eyenza isinqumo sokuthi umdlali abambe iqhaza kule midlalo.
“Basikhiphile isitatimende futhi basibeke kwacaca ukuthi kuningi ukuvikela okwenziwayo – ukuvikela okukhethekile,” kusho u-Adams.
Ngemuva kokumenyezelwa kokufakwa kwakhe, i-NOC ithe uVan de Velde usekulungele ukubuyela kwezemidlalo.
“Ngemuva kokukhululwa kwakhe ejele, uVan de Velde wathola ukwelulekwa ngochwepheshe. Wabonisa labo abaseduze kwakhe – ngasese nangokomsebenzi – ukuzisola nokuzindla ngezenzo zakhe.”
Esithombeni ngenhla: USteven van de Velde.
Umthombo: @8bitproletariat