Owadla imali yethenda kumele ayikhokhe yonke iphelele

Celani Sikhakhane

Owathenga izimoto ngemuva kokukhwabanisa imali yethenda  engaphezu kuka-R170 million kubikwa ukuthi kumele ayikhokhe leyo mali. 

Usomabhizinisi osengundabuzekwayo uHamilton Ndlovu naye ngeke esakwazi ukwenza ibhizinisi nohulumeni ngemuva kokuthi iNkantolo ekhethekile ikhiphe isinqumo sokuthi imvimbele ekuqhubekeni nokusebenzisana nohulumeni. Le Nkantolo yasungulwa ukuze kubuyiswe izimali zomphakathi ezitholwe ngenkohlakalo noma ngokukhwabanisa.

INkantolo ibeke eceleni izinkontileka ezingekho emthethweni ezanikezwa uNdlovu nezinkampani ezihlobene naye.

Lo somabhizinisi waba sematheni ngonyaka ka-2020 ngesikhathi eveza inqwaba yezimoto zikanokusho emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.

Kuvele ukuthi uhlomule ngethenda yezimpahla zokuzivikela zenani lika-R172 million.

Wabe esehamba eyothenga izimoto zikanokusho ezibiza imali elinganiselwa ku-R11 million.

Phakathi kwazo bekukhona i-Porsche Turismo, i-Jeep Hawk, i-Lamborghini Urus SUV ne-Porsche 911.

I-SIU kanye nophiko lwe-National Health Laboratory Services bebezama ukubuyisela yonke imali engu-R172 million abakholelwa ukuthi yatholwa ngokukhwabanisa okukhishwe ithenda.

NgoMandulo nyakenye i-SIU yashaqa impahla kaNdlovu okuhlanganisa nemikhumbi kanokusho eyayizodayiswa ukuze kubuyiselwe enye yale mali.

IJaji le-Special Tribunal uLebogang Modiba ubale imali efinyelela ku-R158 million okufanele ibuyiselwe kuhulumeni.

UNdlovu nezinkampani zakhe bakhishwe ohlwini lwabangavunyelwe ukwenza ibhizinisi nohulumeni ngokwesigaba 15 se-Preferential Procurement Policy Framework Act.

“I-NHLS iyanxuswa ukuthi isebenzise isigaba 15 se-Preferential Procurement Policy Framework Act ukuthi ifake ohlwini kulaba abazophendula besine, besishiyagalolunye, beshumi, u-11, u-12, u-13, u-15, u-16, abaqondisi babo, nabanikazi bamasheya kanye noLuiborn Dorn Ndlovu esikhundleni sakhe njengomqondisi wesi-14 kwi-database yezimpahla ezikhawulelwe,” ngokwesinqumo seNkantolo. 

Izihloko zakamuva