Owabulala uHani ugwaziwe ejele ngaphambi kokukhululwa ngeshwele

Karabo Rammutla

Sekusele usuku kuphela ukuthi adedelwe ngoshwele umbulali waloyo owayengumholi weSouth African Communist Party uChris Hani, uJanusz Walus ugwaziwe  ejele lase-Kgosi Mampuru II, e-Tshwane.

UWalus uphuthunyiswe esibhedlela sasejele kanti usesimweni esikahle ngemuva kokugwazwa ngesinye isiboshwa ngezithuba zabo-17:00 ngoLwesibili.

Umthombo ongaphakathi kuleli jele utshele i-Sowetan ukuthi umhlaseli kaWalus ubeyisosha loMkhonto weSizwe kanti udonsa isigwebo sikadilikajele.

Esitatimendeni uMnu Singabakho Nxumalo, woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo usiqinisekisile lesi sigameko.

“Okungashiwo okwamanje ukuthi isiboshwa uWalus sisesimweni esikahle futhi izikhulu zezeMpilo  eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kweziMilo zimnikeza usizo oludingekayo,” esho, wengeza ngokuthi umbiko onemininingwane yesigameko uzonikezwa ngokuhamba kwesikhathi.

“Ukugwaza nokunye ukuphazamisa kungamacala angavumelekile endaweni yokuhlunyeleliswa kwezimilo kanti leli cala lizophenywa,” esho.

UWalus (69) walahlwa icala lokubulala  uHani owayephikisana nobandlululo ngo-1993.

Udaba lwakhe ludonse amehlo abezindaba ngesonto eledlule ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi uWalus uzodedelwa ngoshwele.

Esinqumweni esiyingqopha-mlando iNhloko yamaJaji, uRaymond Zondo unikeze uMnyango wezoBulungiswa nezokuHlunyeleliswa kweziMilo izinsuku eziyishumi ukuthi ukhulule uWalus.

INkantolo yoMthethosisekelo yasibeka eceleni isinqumo sokwenqaba ukukhululwa kukaWalus esasikhishwe uNgqongqoshe wezoBulungiswa nezokuHlunyeleliswa kweziMilo uRonald Lamola ngoNdasa ngo-2020.

ULamola waphinde wayalelwa ukuthi akhokhe izindleko.

UWalus odabuka e-Poland waphucwa ubuzwe bakhe kuleli ngo-2017. Kodwa-ke, kuleli sonto uMnyango wezaseKhaya uthe umnikeze imvume yokuhlala unomphela kuleli ngesikhathi sikashwele.

Esithombeni esingenhla: Umbulali kaChris Hani, uJanusz Walus 

Umthombo wesithombe: @sa_crime

Izihloko zakamuva